Everson Luhanga
Kunesisho esidala esithi uma impilo ikunika izinkinga, ungapheli amandla kodwa phokophela phambili.
Yilokho uNkosinathi Sam Gumede akufunda ngemuva kokuboshelwa ukubamba inkunzi kuhlonyiwe wabe eseboshwa ejele lase-Sun City eGoli.
Izinyanga eziyi-13, uhlale ejele azi ukuthi akenzanga cala. Wayesendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele.
Uthe abangani bakhe ababili babandakanyeka esigamekweni sokubamba inkunzi behlomile base babalekela kwakhe e-Alexandra, enyakatho neGoli.
“Abangani bami ababili bafika kwami bephethe imali namabhodlela otshwala obubizayo, bashiya konke lapho. Ngokushesha, ngezwa amaphoyisa engqongqoza emnyango wami ngaboshwa ngoNcwaba ngowezi-2019.”
Uthe wayiswa ejele lase-Sun City lapho ahlala khona isikhathi esingaphezu konyaka. “Benginqatshelwa ibheyili ngaso sonke isikhathi uma ngivela enkantolo.
“Ukuvela kwami okokugcina kabili, ummangali akezanga enkantolo base abammeli bami bezosizo lwezomthetho baphikisana ngokuthi alikho icala ngase ngadedelwa,” kusho yena.
UNkosinathi uthe isikhathi sakhe esejele kwaba yisikhathi sokushintsha kwempilo yakhe njengoba athola ithalente ngesikhathi esesitokisini.
“Ngaqala ukucula ngaba umrepha owenza izinto eziningi ngesikhathi ngisejele.
“Njalo ekuseni abantu bebebuthana esitokisini sami lapho ebengibanikeza izingcezu zomculo ezahlukahlukene ezelapha imiphefumulo yabo. Ngicula izinhlobo ezehlukene njenge-gospel, i-Hip hop, a-Mapiano, i-acapella kanye ne-Afro-soul.”
Ngemuva nje kokukhululwa kwakhe ejele, uNkosinathi uthe wagxila kakhulu emsebenzini wakhe wezomculo. Ukhiphe i-EP ebizwa ngokuthi Kunzima enengoma ethi Mama njengehambaphambili. “Umama wangikhombisa uthando ngesikhathi ejwayele ukungivakashela ejele.
“Njalo uma efika, wayekhala ngokungibona ngisejele. Lokhu kwakungiphula inhliziyo ngabhala iculo lokumbonga ngothando angikhombisa lona,” kusho yena.
Uthe okumphatha kabi ukuthi akakaze ezwe lutho ngabangani bakhe abamfake enkingeni. “Ngigcina ukuzwa ngamaphoyisa ukuthi bathungathwa futhi baboshwa nabo. Kodwa angikaze ngibe nabo enkantolo efanayo,” kusho yena.
UNkosinathi uthe akafuni ukugxila ezintweni ezedlule kodwa kunalokho ugxile emsebenzini wakhe omusha wokuba ngumculi. “Ngenze isitudiyo egumbini lami elilodwa lapho engihlala khona futhi umdidiyeli wami ungisiza ukuhlanganisa i-albhamu engimatasa ngayo.”