Owabalekela udlame e-Congo usabela impilo yakhe futhi njengoba kuhlaselwa abokufika eThekwini

Lungani Zungu

UCharles Mwamba wabaleka ezweni lakhe i-Democratic Republic of Congo elalikhungethwe yimpi ngowezi-2002 weza eNingizimu Afrika.

Kodwa futhi usesabela impilo yakhe kanye neyamalungu omndeni wakhe.

UMwamba usinde ngokulambisa ngesikhathi abantu bokufika behlaselwa eThekwini ngoMsombuluko ngabantu okukholakala ukuthi bangamalungu e-MK Veterans Association. Abantu ababili bokufika bathola ukulimala kanzima.

Lokhu kwenzeka ezinyangeni ezimbili nje ngemuva kwesigameko esifanayo nesasolwa ukuthi senziwe ngamalungu e-MKMVA – yize umholi we-MKMVA e-KZN, uZibuse Cele ekuphikile ukuthi amalungu abo yiwona abangele lokhu kuhlaselwa.

KuMwamba, ukubalekela ukuphepha izolo, kumkhumbuze ngezinhlamvu ayezivika e-Congo.

Walahlekelwa abafowabo ababili ngesikhathi sezimpi zase-Congo.

“Kungizwisa ubuhlungu ukuthi lelizwe lisiphatha kanjena. Leli yizwe engilibiza ngokuthi yikhaya lami lesibili,” uyasho.

UMwamba unesitolo sokulungisa omakhalekhukhwini futhi uhlala nonkosikazi wakhe, uPrecious, nezingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kweyisithupha kuya kweyi-15, zonke zizalelwe eNingizimu Afrika. Uthe usezweni ngokusemthethweni.

“Angisenayo enye indawo engingaya kuyo manje. Bengikade ngicabanga ukuthi impilo yami yonke ngiyoyiphila eNingizimu Afrika,” uyasho.

“Nginxusa abafowethu nodadewethu baseNingizimu Afrika ukuthi basiphathe njengabantu. Sonke singama-Afrika. Uma kukhona okubi esikwenzile, asihlale phansi sixazulule izingqinamba,” uyasho.

Usihlalo webhodi lomphakathi wase-Somalia, u-Amir Sheikh, usole uhulumeni ngokubheka kwelinye icala uma behlaselwa.

“I-ANC kumele ikugxeke ukuhlaselwa okunjena. Safihla abaholi abaningi be-ANC ezweni lethu ngesikhathi belwela inkululeko,” uyasho.

Izitolo eziningi zabantu abavela ngaphandle  zivaliwe ngoLwesibili ngemuva kokuhlaselwa.

I-South African Human Rights Commission ikugxekile lokhu kuhlaselwa.

Okhulumela uMasipala weTheku ophethwe yi-ANC, uMnu uMsawakhe Mayisela, naye ukugxekile lokhu kuhlaselwa. “Bonke labo abahweba ngokusemthethweni edolobheni sibathatha njengezakhamuzi ezilinganayo zedolobha lethu,” kusho uMayisela.

Izihloko zakamuva