
Dylan Bettencourt
U-Awer Mabil wazalelwa ekhempini lababaleki base-Kenya ngemuva kokuthi abazali bakhe bebalekele izingxabano e-Sudan.
Manje, eminyakeni engu-26 kamuva, uzodlalela i-Australia kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa e-Qatar.
Umndeni wakwaMabil waqala ukuhlala e-Australia ngo-2006 lapho uMabil athuthukisa khona amakhono akhe ebhola ukuze abe ngumdlali oqeqeshiwe.
NgoMsombuluko ebusuku, i-Australia ibidlalela indawo yokugcina kwiNdebe yoMhlaba ibhekene ne-Peru.
Alukho uhlangothi olukwazile ukuwina kanti umdlalo uvele waya kumaphenalthi, ngesikhathi uMabil eshayela iqembu lakhe iphenalthi yesithupha.
Unozinti wase-Australia u-Andrew Redmayne ubambe ibhola lokugcina ukuze anikeze i-Australia indawo e-Qatar.
UMabil uthe igoli lakhe lephenalthi bekuyindlela yakhe yokubonga izwe ngokukhoselisa umndeni wakhe.
“Bengazi ukuthi ngizoshaya igoli. Bekuyona ndlela yokubonga i-Australia egameni lomndeni wami,” kusho yena ngemuva komdlalo.
Ezinsukwini zakhe ekhempini lababaleki, uMabil ubephila ngesidlo esisodwa ngosuku kanti ubedlulisa isikhathi ngokukhahlela ibhola.
Manje usedlalela i-FC Midtjylland yase-Denmark emboleke eqenjini lase-Turkey, i-Kasimpasa kule sizini.
UMabil uthe igumbi lehhotela abehlala kulo ngesikhathi esalinde imidlalo yokuhlungela likhulu kunegumbi umndeni wakhe owawuhlala kulo ekhempini lababaleki.
“Ngazalelwa eqhugwaneni, iqhugwane elincane,” esho.
Lo mdlali ujwayele ukuba eqenjini lesizwe lase-Australia eliqala imidlalo kanti ukumbona eseqenjini kuletha injabulo enkulu emndenini wakhe.
“Ukuba ngumfana owazalelwa ekhempini lababaleki, kwakuyisikhathi esithinta inhliziyo emphakathini wethu,” kusho umfowabo etshela i-Adelaide Advertiser.
“Ukumbona edlalela iqembu lase-Australia kuyasijabulisa.”
Umthombo wesithombe: @BeSoccer