Othisha basola abafundi ngokubagebenga

Buziwe Nocuze

Othisha besikole samabanga aphezulu i-Matthew Goniwe Memorial e-Khayelitsha bafuna amaphoyisa abavikele kubafundi.

Bathi sebekhathele ukugetshengwa izingane.

I-Khayelitsha ingelinye lamalokishi ayingozi kakhulu eKapa.

NgoLwesibili othisha bamashele esiteshini samaphoyisa beyofuna ukuthi amaphoyisa abavikele.

Uthisha uthe bayazi ukuthi babanjwa inkunzi ngabafundi ababalindayo uma sekuphuma isikole.

“Uma sigetshengwa izigebengu zithi zibone impahla ngesikhathi othisha bematasa befundisa. Uma kungebona abasigebengayo bathumela abangani babo,” kusho uthisha.

“Sidinga ukuthi amaphoyisa abekhona ikakhulukazi uma sekuyisikhathi sokuhamba.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, uBronagh Hammond, uthe othisha bazwakalise ukukhathazeka ngezigameko zokugetshengwa kwabantu ezindaweni ezakhelene nesikole.

UHammond uthe uMnyango usiza ngezinyathelo zokuphepha ezifana nokubiya, ama-burglar bars, amasango okuvikela kanye ne-alamu.

“Igatsha lomnyango le-Safe Schools lixhumane nabomthetho mayelana nokuphepha kwezikole. Noma kunjalo, asikwazi ukulawula okwenzeka ngaphandle kwesango lesikole nasemiphakathini,” usho kanje.

Ilungu lomphakathi lithe uma kufanele bazame ukungenelela bazobe bezibizela izinkinga bona nemindeni yabo.

UWarrant Officer Joseph Swartbooi, okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uthe: “Amaphoyisa ase-Khayelitsha enza konke okusemandleni ukusiza umphakathi.”

USwartbooi uthe kuboshwe umfundi wakulesi sikole nabanye abasolwa abathathu abangaphansi kweminyaka engu-18 ngemuva kokuthi uthisha aphucwe isikhwama sakhe nomakhalekhukhwini. Kamuva badedelwe ngaphansi konakekelo lwabazali.

Izihloko zakamuva