Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Othisha base-Zimbabwe basabisa ngokubhikisha mhla zizinye kuNdasa njengoba befuna ukwenyuselwa imiholo ngamadola aseMelika.
Imiholo yothisha ayifani nezindleko zokuphila zezwe, okwamanje ulinganiselwa ku-R18 000 (US$1,000) ngenyanga. Lesi samba siphezulu emindenini enamalungu angaphezu kwamane.
Imiholo yabo yehliswe ngenxa yokwehla kwamandla emali futhi njengamanje bahola imali efinyelela ku-R4,500 ($250).
Kusukela ngo-2017 bebelokhu befuna ukwenyuselwa imiholo ngo-200% ukuze kuhambisane nezindleko zokuphila.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uthisha wase-Masvingo, uRutendo Chifengu uthe sekuyisikhathi eside behlushwa uhulumeni ongenandaba nabo.
“Uhulumeni oholwa uMengameli u-Emmerson Mnangagwa wenza izithembiso eziyinkulungwane kodwa awukaze ufeze ngisho nesisodwa,” esho.
“Bahlezi bethembisa ukuthi bazosikhuphulela imiholo. Sekuyiminyaka eyisithupha manje leli qembu liphethe kodwa akukho okuphusile osekwenziwe.”
UChifengu uthe sebezame kaningi ukuxoxisana nohulumeni ngezinhlelo ezahlukene ezithinta inhlalakahle yothisha.
“Akukho ngisho nesisodwa isikhalo sethu esisalungisiwe. Siphoqelekile ukuthi siteleke njengoba kuwukuphela kolimi abaluzwayo,” esho.
Umqondisi wezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo, uTaungana Ndoro usigxekile lesi senzo. Uthe ukuteleka kusho ukuthi izingane ziphucwa ilungelo lazo lokufunda elikumthethosisekelo.
“Bahlela ukungcolisa igama labo kanti abahlela ukukwenza kuphambene nalokho okulindeleke kubo ngokomthethosisekelo,” esho.
Uthisha wase-Harare usole uhulumeni ngokubaphatha njengezigqila.
“Ngiyaya emsebenzini ngoba anginayo enye indlela yokungenisa imali. Ukube nginayo enye indlela bengizoyeka namuhla. Sekuphele iminyaka sikhala ngokunyuselwa imiholo kodwa abakaze basilalele,” esho.
“Sengikulungele ukuteleka ngoba akusawenzi umqondo ukuthi sisebenze. Kuyadabukisa. Imiholo yethu ayanele izidingo zethu.”
Uthe unamadodana amabili afunda esikoleni samabanga aphansi futhi akakwazi ukunakekela izidingo zawo.
“Okungiphatha kabi ukuthi bahlezi bengitshela ukuthi abafisi ukuba ngothisha uma sebekhulile ngoba othisha baphila njengabantu abanhlwempu,” esho.
Esithombeni esingenhla: Othisha abatelekile e-Harare
Umthombo wesithombe: Twitter