Ososayensi sebesungule okungakaze kwenziwe emhlabeni

Dylan Bettencourt

Kulandela ukukhula ngempumelelo kwemibungu yamagundwane ososayensi sekuseduze ukuthi bakwazi ukwenza izitho zomzimba zomuntu ngaphandle kwesidingo sesidoda, amaqanda noma isibeletho.

Ososayensi bakwa-Israel basebenzisa ama-cells amagundwane ukuze bakhe umbungu wezilwane ovumela ukuba sizalwe ngaphandle kwesidingo sokuzalana kwamagundane esifazane nesilisa.

UJacob Hanna woMnyango we-Molecular Genetics we-Weizmann obehola ithimba labacwaningi esitatimendeni uthe lesi isiqalo sokukhula kwezitho zomzimba esisuka phansi.

“Ochwepheshe abazimele kukaningi bephikisana nocwaningo oluningi okufanele lwenziwe ngaphambi kokuba inqubo yokukhulisa umbungu womuntu ngale ndlela iqhubeke,” kusho uHanna kwi-Business Insider.

“I-embryo iwumshini omuhle kakhulu wokwenza izitho kanye ne-bioprinter ye-3D ehamba phambili.”

Ithimba lakhe ngaphambilini lalizame ukukhulisa imibungu yamagundwane ngaphandle kwesibeletho besebenzisa ingilazi, kodwa imibungu yathathwa kusona isilwane.

Kodwa kulokhu imibungu ikhuliswe kusuka kuma-stem cells ngaphandle kwesidingo sesilwane ngokwaso.

Iningi lezifundo zikaHanna ezihloliwe alizange liphumelele ngenqubo yokuqala, kodwa imibungu embalwa yakwenza yadlula uphawu lwezinsuku ezingu-8.5 okuyindawo ephakathi kokukhulelwa nokuzalwa kwamagundwane. 

Nakuba lolu cwaningo luqala ukuvela uJames Briscoe we-Francis Crick Institute e-London uthe luphakamisa imibuzo eminingi yokuziphatha.

“Manje isikhathi esihle sokucabangela uhlaka olungcono kakhulu lwezomthetho ngokuziphatha ngokulawula ucwaningo nokusetshenziswa kwemibungu eyenziwe ngabantu kanye nokuvuselela imithetho.”

UBriscoe wengeze ngokuthi ngeke sibone imibungu yabantu ikhule kuma-stem cells esikhathini esizayo esiseduze.

Kodwa uPaul Tesar ongusolwazi wesayensi yezinto eziphilayo eNyuvesi yase-Case Western Reserve University School of Medicine uthe lolu cwaningo lungase lufake umkhakha wocwaningo yemibungu ekhula ngama-stem cell.

“Lesi isinyathelo esisodwa nje, kodwa kuyigxathu elibaluleke kakhulu kuthina ukuthi sikwazi ukufundela intuthuko kusenesikhathi,” kusho uTesar.

“Siwela endaweni yokukwazi ukukhiqiza umbungu kusukela ekuqaleni futhi okungenzeka kube yinto ephilayo. Kube ushintsho oluphawulekayo kulo mkhakha.”

Umthombo wesithombe: @Science

Izihloko zakamuva