Ososayensi bafuna ukuvusa ingwe efile

Dylan Bettencourt

Ingwe yaseTasmanian sekuneminyaka yafa kodwa ososayensi base-Australia naseMelika banethemba lokuthi bazoyivusa.

Ingwe yokugcina eyaziwayo yase-Tasmanian kuthiwa yafela e-Hobart Zoo ngo-1936.

Kodwa manje iphrojekthi ezothatha izigidi zamadola emali iletha ithemba lokuvusa kabusha isilwane kusetshenziswa ama-stem cell kanye nobuchwepheshe bokusebenzisa ulibofuzo,  ngokusho kwe-BBC.

Ithimba labacwaningi lithi ingwe yokuqala yase-Tasmanian yalo msebenzi ingase idedelwe endle eminyakeni eyishumi ezayo.

Ososayensi bazosebenzisa ama-stem cells ohlobo oluphilayo olunolibofuzo olufanayo bese besebenzisa ubuchwepheshe bokuhlela ukwakha kabusha lesi silwane.

USolwazi u-Andrew Pask ongumholi wethimba labacwaningi eNyuvesi yase-Melbourne uthe bakholelwa ukuthi eminyakeni eyishumi bangaba nengane yabo yokuqala ephilayo ye-thylacine.

“Zazingelwa zaze zashabalala cishe eminyakeni engamakhulu adlule.”

Inani lezingwe zase-Tasmania lancipha ngesikhathi abantu befika okokuqala e-Australia nama-dingo uhlobo lwenja zasendle.

Izingwe zagcinwa zizulazula esiqhingini sase-Tasmania  ngaphambi kokuba zizingelwe zize ziphele.

Uma ithimba labacwaningi lizophumelela bekuzoqopheka umlando, kodwa kunokungabaza ukuthi kuzokwenzeka.

“Lokhu kuyingwanekwane,” kusho uSolwazi uJeremy Austin ovela e-Australian Center for Ancient DNA etshela i-Sydney Morning Herald.

Uthe lo msebenzi umayelana nokunakwa kwabezindaba kunesayensi uqobo.

Izinhlelo zokubuyisa ingwe yase-Tasmania azizintsha. Ngo-1999 i-Australian Museum yabheka iphrojekthi yokuzama ukufanisa lesi silwane.

Iphrojekthi yamanje iwukubambisana phakathi kososayensi baseNyuvesi yase-Melbourne kanye nenkampani ezinze e-Texas i-Colossal.

Le nkampani yaseMelika yaba sematheni ngonyaka odlule imemezela ukuthi ifuna ukubuyisela i-woolly mammoth ekuphileni, kodwa lokho abakakwenzi.

Umthombo wesithombe: @TheNewYorkTimes

Izihloko zakamuva