
Celani Sikhakhane
Osopolitiki sebejoyine umakadebona webhola likanobhutshuzwayo uRia Ledwaba emkhankasweni wokuthi abe nguMengameli olandelayo we-South African Football Association (Safa).
Uma eqokwa, uLedwaba uzoba ngowesifazane wokuqala ukuhola lesi sigungu.
Njengamanje ungomunye wamaphini kaMengameli we-Safa nomsunguli weqembu lakudala iRia Stars.
UMengameli wophiko lwabesifazane be-ANC, uBathabile Dlamini, uthe zonke izinhlaka zabesifazane zezepolitiki ziyazibophezela ukuthi zizokweseka uLedwaba.
Sekuyisikhathi sokuthi i-Safa iholwe ngumuntu wesifazane. Ngike ngakhuluma ne-Nkatha Freedom Party nabesifazane be-United Democratic Movement, sadingida udaba lukaLedwaba futhi sinenkolelo yokuthi kumele abe nguMengameli wenhlangano yethu yebhola,” kusho Dlamini.
Uthe ngeke bagxambukele njengenhlangano yezepolitiki njengoba imihlahlandlela ingakuvumeli ukungenelela kwezepolitiki.
Ngesikhathi kunomhlangano wesigungu esiphezulu se-Safa, i-National Woman’s Network ibe nombhikisho ikhombisa intukuthelo yayo ngezinsolo zokuphathwa kabi kukaLedwaba.
UDlamini, obehola umbhikisho, uthe uLedwaba unqatshelwe ukukhankasela lesi sikhundla “ngamadoda athile acabanga ukuthi angabanikazi bebhola lethu. Sizoma naye kukho konke”.
ULedwaba useke wahlonishwa izihlabani eziningi zebhola likanobhutshuzwayo, okubalwa kuzo uMark Fish kanye noLucas Radebe.
Ngenyanga edlule utshelwe ukuthi akavunyelwe ukukhankasa ngoba uhlelo kufanele luqale ngesikhathi esithile, nokuyinto ecasule abaningi ezinhlakeni zebhola.
ULedwaba useneminyaka engaphezu kwengamashumi amathathu esendimeni yebhola.
Wayengowesifazane othandwa kakhulu kulowo mkhakha ngesikhathi sobandlululo.
Kamuva ujoyine ezokwakha kodwa waqhubeka nokusebenza ebholeni okuyifa alithola kuyise.
Uphonsela inselelo uDanny Jordaan osebambe izintambo kusukela ngo-2013.