Osopolitiki baKwaZulu-Natal bajabulela umculo kaGatsheni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umculi kamaskandi odumile uKhuzani Ndlovu, owaziwa ngelikaGatsheni usehlomule ngokungathathi hlangothi kwakhe kwezepolotiki emphakathini.

Ngenxa yalokhu, wonke amaqembu amakhulu ezombusazwe asemcele ukuba azocula emikhankasweni yawo ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Ingoma yakhe ethi Ibhodlela, esiphenduke iculo lesizwe, isentshenziswa amaqembu ahlukene ukudonsa izinkumbi zabantu emibuthanweni yawo ikakhulukazi KwaZulu-Natal.

Umakadebona kaMaskandi u-DJ Welcome Ntombela wakuNongoma FM uthe kuyaqala ngqa ukuthi umculi kamaskandi athandwe kangaka amaqembu ahlukene ezepolitiki.

“IKwaZulu-Natal yaziwa ngodlame lwezepolitiki ngesikhathi sokhetho, kodwa ingoma kaGatsheni kanye nemidanso yakhe yasesiteji kuphendule le mikhankaso yaba umqhudelwano [wolunye uhlobo],” kusho uNtombela.

“Uyabona uma esesiteji ukuthi wonke umholi wepolitiki ufuna ukudansa naye. Ngamafuphi, siyaqala ngqa ukubona umculi obhukhwa yizo zonke izinhlangano zezombusazwe, futhi uhlezi etholakala.”

UGatsheni useke wacula noChris Pappas ongenele esokuba uNdunankulu we-DA, uMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa, owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma kanye nabaholi abaningi be-ANC KwaZulu-Natal.

Engxoxweni esanda kwenziwa, uGatsheni uthe ngemuva kokuphothula umatikuletsheni wathwala kanzima, wagcina esephendukela emculweni.

Ungowokudabuka oPhongolo enyakatho ekude neKwaZulu-Natal.

Esithombeni esingenhla: UKhuzani Ndlovu, odume ngelikaGatsheni usehlanganise izimbangi zezombusazwe ezijabulela umculo wakhe.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva