
Celani Sikhakhane
Omakadebona be-DA bangene ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngeMeya yedolobha laseGoli uDkt Mpho Phalatse ngokusingatha ingqungquthela.
“NgoMsombuluko uPhalatse ufake isithombe esithathwe endaweni yokuhlela izinto zokwakha kabusha iGoli”, nokuholele ekutheni amalungu onogada be-DA aphendule inqwaba yemibuzo.
Owayengumholi we-DA uTony Leon ungomunye walabo abakhulumela phansi obhalele uPhalatse ukuthi isikhathi sakhe angasichitha kangcono elungisa imigodi, amarobhothi kanye nomgwaqo esikhundleni sokusingatha uhlelo lokwakha kabusha iGoli.
“Lungisa imigodi namarobhothi kanye nemigwaqo. Lokho kubaluleke kakhulu kunamaseshini okuhlela ukuvusa kabusha iGoli ngoba lokhu kuzokusiza uzuze ukwethembeka kulaba abavotayo,” kusho uLeon.
UPhalatse uphendulile watshela uLeon ukuthi aziphathe njengomuntu omdala.
“Usumdala kakhulu ayikulungele indlela oziphatha ngayo ku-Twitter. Uma ufuna ukufaka isandla ekwakhiweni kabusha kwedolobha laseGoli sicela uthumele i-imeyili [email protected],” kuphendula uPhalatse.
Akukhona okokuqala uLeon egxekwa ngokuqophisana nomholi omnyama eqenjini lakhe.
ULeon ucelwe ukuthi achaze ukuphawula kwakhe ngesikhathi echaza owayengumholi weqembu uMmusi Maimane ngendlela engeyinhle.”
Umbango oshubile womphakathi kwi-DA usuholele ekutheni kuphume umunyu kwabaholi abamnyama abafana noNksz uLindiwe Mazibuko, uMbali Ntuli noMnu uHerman Mashaba.
Kuphinde kwacasula amanye amalungu amhlophe avele anquma ukulishiya iqembu njengo-Athol Trollip.