Lungani Zungu
UMengameli uCyril Ramaphosa wenze izinguquko kwiKhabhinethi yakhe ngoLwesine ebusuku, kanti ngenkathi amanye amagama abantu abangene kwikhabhinethi amukelekile, amanye aphakamise izikhalazo.
Phakathi kwabo kubalwa uNgqongqoshe wezeziMali osanda kuqokwa u-Enoch Godongwana nePhini likaNgqongqoshe Wezempilo uDkt Sibongiseni Dhlomo.
Eminyakeni eyisishiyagalolunye eyedlule, uGodongwana wasula esikhundleni sokuba yiPhini likaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho ngemuva kokuxhumana kwakhe nehlazo elalithinta imali eyizigidi eziyi-R100 yemali yabasebenzi bamafemu engazange iphindiselwe.
Isabelo mali yomndeni wakhe yayinenzalo ka-50% we-Canyon Springs, inkampani elahlekelwe yimali.
Ngaleso sikhathi, abaningi babecabanga ukuthi lokhu kwakuwukuphela komsebenzi wezepolitiki kaGodongwana othathe amashumi eminyaka.
Ikhomishini ebiphenya ngalesi sigameko ithole ukuthi kumele babekwe icala nonkosikazi wakhe.
Kodwa isikhulu sikaKhongolose esivela e-Eastern Cape sabuya kwezepolitiki ngemuva kokuthi uRamaphosa emqoke njengoNgqongqoshe omusha wezeziMali, wangena esikhaleni sikaTito Mboweni, oshiye phansi izintambo.
UGodongwana uzivikele ngemuva kokufunga kwakhe ngoLwesihlanu, wathi wageza igama lakhe kudala ngaleli hlazo lemali eyizigidi eziyi-R100.
URamaphosa uphinde wagxekwa ngokuqoka kwakhe uDkt Sibongiseni Dhlomo.
UDhlomo ubhekwe ngabomvu ngokwehluleka kwakhe ukubhekana nenkinga ye-oncology ngenkathi esenguNgqongqoshe wezeMpilo eKZN.
Abantu abaningi babulawa ngumdlavuza, ikakhulukazi ezibhedlela i-Addington neNkosi Albert Luthuli.
Embikweni wayo wangowezi-2018, i-South African Human Rights Commission (i-SAHRC) isole uDhlomo ngokwephula amalungelo eziguli zomdlavuza.
Ngonyaka olandelayo, i-ANC eKZN yamfaka ePhalamende likazwelonke njengoba kwakukhula izizathu zokuthi iqembu limxoshe.
Isikhundla sokuba yiphini likaNgqongqoshe wezeMpilo phambilini besiphethwe nguDkt Joe Phaahla, osanda kuqokwa njengoNgqongqoshe wezeMpilo.
Ukuqokwa kukaPhaahla kwamukelwe kabanzi.
UDikeledi Magadzi, owayenguNgqongqoshe wezeMfundo e-Limpopo, manje oseyiPhini likaNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, naye akazange ajatshulelwe.
Udale umsindo ngesikhathi ethi akayena “uNgqongqoshe wezindlu zangasese” ngemuva kokuthi umfundi oneminyaka eyisithupha ubudala ewele ethoyilethi lomgodi washona e-Limpopo eminyakeni emithathu eyedlule.