Osomatekisi neqhinga lokuvala imigodi emigwaqeni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Esikhathini esiningi uma ugibele itekisi yakuleli ujwayele ukuzwa umshayeli ethi “Asibona abashayeli ababi imigodi egcwele imigwaqo esenza sibukeke kabi!”

Abashayeli bamatekisi e-Gauteng bakhathele ukushayela emigwaqeni enemigodi futhi bakhathele ukulinda uhulumeni ukuba axazulule izinkinga ababhekana nazo emgwaqeni ngakho sebezozilungisela bona imigwaqo.

UMnu Smut Matterson, onguSihlalo we-Greater Alberton Taxi Association (Gata) uthe abanikazi bamatekisi nabashayeli basendaweni yangakubo ngaseGoli bazithwese ijoka lokulungisa imigodi.

Isiqubulo sabo sithi: Vala ama-photole

Uthe abashayeli bezimoto zase-Alberton babeyizisulu zezigebengu ngoba abakwazi ukushayela ngesivinini njengoba bezama ukugwema imigodi.

Omunye wabangani bakhe abakhulu wagetshengwa ngemuva kokungena emgodini owalimaza isondo le moto yakhe emasontweni amathathu edlule.

“Ngesikhathi ezama ukushintsha isondo, izigebengu zatheleka phezu kwakhe. Zathatha zonke izinto zakhe ezibalulekile okuhlanganisa nezikhiye zemoto yakhe.”

USmut uthe abashayeli bashayela sengathi baphuzile. “Sishayela ama-zig zag. Kwesinye isikhathi sishayela singene esiminyaminyeni esiqhamukayo esiyingozi kakhulu kwabanye abasebenzisa umgwaqo. Kodwa akukho esingakwenza.”

U-Emmanuel Maleka ongumnikazi wamatekisi nokhulumela iGata, uthe usoseshini nabanye abashayeli sebehlangene manje bahlanganisa imali bavumelana ngokuthi kumele balungise imigwaqo ngokhonkolo.

NgoLwesibili bathenge ukhonkolo osulungile base beqala ukulungisa umgwaqo eYende nasePeterson, ePhola Park nase-Eden Park edolobheni lase-Ekurhuleni.

“Besinabantu ababalelwa ku-30, kodwa sagcine sesijoyinwa osomabhizinisi nabo abayizisulu zale migodi emikhulu emigwaqeni.”

Laba besilisa bakwazile ukuvala imigodi engaphezulu kuka-40 ngesikhathi belawula nokuhamba kwezimoto.

“Abashayeli abaningi bakujabulele ukubona abashayeli bamatekisi benza lokho okumele kwenziwe nguhulumeni,” kusho uMaleka.

UMaleka uthe sebelilahlile ithemba kuhulumeni ikakhulukazi njengoba kuqale ipolitiki yobumbano kuleli dolobha. “Osopolitiki badlala umdlalo wokusolana ngokuthi ubani okufanele alungise izinkinga zethu.”

Uthe bazoqhubeka nokulungisa eminye imigwaqo okuyilapho usoseshini wabo usebenza khona futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi ababi izisulu zokungakwazi ukusebenza kukahulumeni.

Izihloko zakamuva