Osomatekisi bavale imigwaqo emikhulu eGoli

Everson Luhanga

Abashayeli bamatekisi eGoli bavale imigwaqo ngoMsombuluko njengoba beya embhikishweni yokufuna imali ethe xaxa kuhulumeni.

Manje bahlose ukubuyela emgwaqeni ngoLwesibili. Laba bashayeli bamatekisi abafuna imali eningi yesibonelelo se-Covid-19, bathe angeke baliphonse ithawula empini yabo nohulumeni. Namanje basasabisa ngokuvala izwe lonke uma lokhu abakufunayo bengakutholi.

Amasosha namaphoyisa abonakale kwezinye izinxenye zasePitoli bephoqa  abashayeli bamatekisi ukuvula umgwaqo ngemuva kokuthi bewuvale ngamatekisi.

UEmmanuel Maleka, okhulumela i-Top Six Taxi Industry kuzwelonke utshele i-Scrolla.Africa ukuthi amatekisi azobuyela emgwaqeni kusasa. Kodwa uMaleka uxwayise ukuthi uma isivumelwano singabanga bikho phakathi kwemboni yamatekisi nohulumeni “sizoqala ukuvala izwe iviki lonke bese siguqisa lonke izwe ngamadolo”.

UMaleka uthe inhlangano ithole izingcingo eziphuma kubashayeli kwezinye izinxenye zezwe befuna ukujoyina ngokuvala izwe. “Bekumele siqale kwenyindawo, kanti leyondawo iseGoli. Sizolihambela lonke izwe uma uhulumeni engasithatheli ekhanda,” uyasho.

Usihlalo wenhlangano yamatekisi yase-Alexandra UVusi Mayaba uqinisekisile ukuthi amatekisi abuyela emgwaqeni kusasa. Ukhumbuze abagibeli ukuthi ukunyuka kwemali konyaka kuzoqala ngomhlawokuqala kuNtulikazi kodwa akashongo ukuthi kuzoba malini.

UMbalula unikela ngemali eyizi-R5 000 itekisi ngalinye ukukhokhela imali elahlekile emabhizinisini abo, kanti izinhlangano zamatekisi zithi ayenele.

Izihloko zakamuva