Osomatekisi basongela ukuvala izwe

Everson Luhanga

Amakhulu ezinkulungwane zabagibeli eGoli bazosala dengwane ngoMsombuluko uma osomatekisi beqhubeka nemibhikisho engacishi ivale izwe.

Abanikazi bamatekisi basabisa ngokuvala izwe lonke uma uhulumeni engazifezi izicelo zabo zemali yesibonelelo ye-Covid-19.

Abasebenza e-Gauteng balungiselela ukuba yingxenye yesiteleka ngoMsombuluko, kusho i-South African National Taxi Council (Santaco).

Enyakatho neGoli bangaphezulu kwe-100 000 abagibeli bamatekisi abazothinteka uma abashayeli bamatekisi be-Alexandra Taxi Association (ATA) kanye ne-Alexandra, i-Randburg, i-Midrand, i-Sandton Taxi Association (Armsta) beqhubeka nezinhlelo zokuvala izwe.

Ezindaweni ezifana nase-Alexandra, azikho ezinye izindlela zokuthutha umphakathi.

Sinethemba lokuthi abashayeli bamatekisi bazoba nesivumelwano esiya phambili nohulumeni ukuvimba ukuvalwa kwezwe. Abaphathi bamatekisi bayakhankasa, benza amaphosta afana nalawa angenhla.

Ngesonto eledlule uhulumeni umemezele isigidigidi esiyi-R1.135 semali ukusiza abashayeli bamatekisi ngemali yesibonelelo se-Covid-19. Le mali ingafinyelela kwi-R5 000 engatholwa itekisi ngalinye.

Kodwa u-Emmanuel Maleka, okhulumela i-Top Six Taxi Industry kuzwelonke, uchaze lokhu njengokweyiswa.

“Izicelo zethu zilula,” kusho uMaleka. “Sidinga imali evela kuhulumeni esilahlekele ngesikhathi sisebenza ngomvalelo.”

UMaleka uthe bafuna isigidigidi esi-R10.5 billion – ephindwe kayishumi kunalokho uhulumeni abefuna ukusinika khona.

Usihlalo we-Armsta uMolefe Moekeletsi utshele abe-Scrolla.Africa ukuthi bacela uhulumeni akhokhe izi-R20 000 itekisi ngalinye, akhokhele zonke izinyanga ebesingazisebenzi. Le mali ifika kwi-R60 000 yezinyanga ezintathu zomvalelo.

“Singaxoxisana nohulumeni bese sivumelana ngezi-R45 000,” kusho uMoekeletsi. “Kodwa angeke siyamukele imali eyi-R5 000 ezonikelwa ihhovisi lobungqongqoshe ngoba incane kakhulu.”

UNgqongqoshe wezokuthutha uFikile Mbalula uhlangane nabamele i-Santaco ngoLwesihlanu. Uthe uyazi ngokungathokozi ngaphakathi embonini yamatekisi, kodwa waxwayisa ngokuvalwa kwezwe okuhleliwe.

Kepha uMaleka uthe ukuvalwa okwenzeke e-Gauteng besisaqala . “Sizodlulisa amasonto amabili singasebenzi ebese sibona ukuthi uhulumeni uzolisebenzisa kanjani leli lizwe.

“Siqale e-Gauteng, kungekudala nje sizohamba izwelonke. Sivale izwe.”

Izihloko zakamuva