Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamizi zaseKapa zishayela abashayeli nabanikazi bamatekisi endawo ihlombe ngemuva kokushaywa kwezinsizwa eziyisikhombisa erenki yaseNyanga ngoLwesithathu ekuseni.
Izisulu ezineminyaka ephakathi kuka-15 no-27 ubudala bezibamba abagibeli inkunzi ngesikhathi zihlangabezana nembibizane.
Lesi sigameko siholele ekutheni kushone abesilisa ababili abaneminyaka engu-23 no-26 ubudala. La madoda atholakale eduze kwesikole samabanga aphezulu i-Oscar Mpetha elokishini laseNyanga.
Ngokusho kukasomatekisi ongathandanga ukudalulwa igama ngenxa yokwesaba ukuziphindiselela besekuyisikhathi eside lezi zigebengu zibamba abagibeli inkunzi.
“Sekuyisikhathi labo bantu begebenga abagibeli, bebethusa futhi benza abashayeli ukuthi babukeke njengezigebengu,” esho.
Lesi sigameko senzeke ngesikhathi abashonile behamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza okusolakala ukuthi bayiduna kanti baye bayalelwa ukuthi bajike baye erenki yaseNyanga.
“Balandelwe izikhathi eziningi ngabashayeli bamatekisi ukwenza isiqiniseko sokuthi balandela abantu abafanele,” kusho usomatekisi.
“NgoLwesithathu babambe abagibeli inkunzi njengenjwayelo kodwa bebengazi ukuthi bayalandelwa.
Kuthiwa ngesikhathi lezi zigebengu zifika erenki yaseNyanga zishaywe zingaphakathi kwekhonteyna zaphoqwa ukuthi zidle ushevu.
Umshayeli wetekisi uyazithethelela izenzo zabo.
“Laba bafana kudala besabisa abagibeli nabashayeli bama-Avanza. Bayalunga ngalokhu okubehlele. Manje njengoba sesiqalile ukulwa ngeke siyeke. Angicabangi ukuthi bazosinda futhi abanye bazolandela ababili asebeshonile,” kusho umshayeli.
Zikhuluma ne-Scrolla.Africa endaweni lapho izisulu ezilahlwe khona, izakhamizi zikhombise ukuzwelana nazo.
“Ngizwe kuthiwa abanye banqunywe izitho zangasese nolimi futhi ngendlela abebekhala ngayo bekukhombisa ukuthi basezinhlungwini,” kusho isakhamuzi sakule ndawo esingadalulwanga igama.
Isakhamuzi u-Amanda Napa uncome abashayeli nabanikazi bamatekisi.
“Abashayeli bakhombisile ukuthi bayakwazi ukulwa nobugebengu. Uma bengakwenza lokhu kuzo zonke izindawo okunobugebengu kuzo izigebengu zizocabanga kabili ngaphambi kokwenza ubugebengu.”
Isakhamuzi sase-Lower Crossroads sizwakalise ukukhululeka.
“Bayalunga. Ngifisa ukuthi abasesibhedlela bashone ngoba bebesihlukumeza. Sizoba nempelasonto enokuthula ngaphandle kwabo,” kusho isakhamuzi.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uBrigadier Novela Potelwa ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe amadokodo ecala lokubulala nelokuzama ukubulala ukuze kuphenywe mayelana nokushaywa kwabesilisa abayisikhombisa erenki yaseNyanga.
“Izisulu ezimbili ezineminyaka engu-23 no-26 ubudala zishonile kanti izisulu ezinhlanu ezisele ezineminyaka engu-15 kuya ku-27 zilwela izimpilo zazo esibhedlela sendawo.”
Okhulumela inhlangano yamatekisi i-Cape Amalgamated (Cata) uNkululeko Sityebi uthe ubengekho erenki wathi akayazi imininingwane.
“Anginalo ulwazi ngoba bengihambele izinkinga zomndeni. Anginalo ulwazi. Ngifunde ngayo ezinkundleni zokuxhumana kuphela,” esho.
Esithombeni esingenhla: Kushaywe abesilisa abayisikhombisa abasolwa ngokugebenga abagibeli besebenzisa i-Avanza eyadunwa erenki yaseNyanga.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe