Osomatekisi baseKZN bahoxise umcimbi obekuhloswe ngawo ukuhlonipha oweyengumengameli wezwe

Celani Sikhakhane

Ushwele wezokwelashwa owanikezwa owayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, usuphoqe osomatekisi ukuthi bahoxise umcimbi wokumhlonipha obuhlelelwe ukuba ube seNkandla ngemuva kokuthola ukuthi angeke akwazi ukuwuhambela.

Amakhulu abantu abebehambele eNkandla ngeSonto ukuyobuka Ingoma Music Festival ngethemba lokuthi uZuma uzohambela lo mcimbi bathole ukudumala ngenkathi kuhoxiswa lo mcimbi.

Abasondelene noZuma abayanga emakhaya kodwa baqonde ekhaya lakhe kwaDakwadunuse lapho abahlangane khona naye.

“Besidumele kodwa sikwazile ukuchitha isikhathi noNxamalala, obejabule,” kusho umngani kaZuma ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe etshela i-Scrolla.Africa.

“Besijabule kakhulu ukumbona futhi uphinde wakucacisa ukuthi imibandela kashwele wakhe wezokwelashwa ayimvumeli ukuthi ahambe ngoba angahle azithole eseboshiwe futhi.”

UMavava Sikhakhane, obengomunye wabagqugquzeli akatholakalanga ukuthi aphawule.

UMzwanele Manyi wenhlangano iJacob Zuma Foundation utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uZuma akakakwazi ukuhambela imicimbi ngoba usaseyisiboshwa.

“Besinokukhathazeka ngesinqumo esenziwa iNkantolo eNkulu yasePitoli esathi ushwele ngeke ubalwe njengezinsuku ahlulelwe zona

ngoba becabanga ukuthi useholidini njengoba esadonsa isigwebo sakhe,” kusho uManyi.

UZuma akakwazanga ukusingatha umqhudelwano wakhe waminyaka yonke webhola likaKhisimusi kanye nepikiniki ebingomhla ka-27 kuZibandlela endaweni yangakubo ngenxa yemibandela kashwele.

Izihloko zakamuva