Osomatekisi baqola abashayeli ngezivimbamgwaqo mbumbulu 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Osomatekisi base-Eastern Cape benze izivimbamgwaqo ezingekho emthethweni lapho abaqola khona abashayeli, ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuThutha uXolile Nqatha.

Esitatimendeni sangempelasonto uNqatha unxuse abomthetho ukuthi bathathele izinyathelo labo abazenza amaphoyisa omgwaqo kanye nalabo abenza izivimbamgwaqo ezingekho emthethweni.

Uxwayise ngokuthi labo abasaqhubeka nokuzimbandakanya nalezi zenzo bazobhekana nengalo yomthetho.

“Asikwazi ukuvumela isimo lapho okwenziwa khona isivimbamgwaqo esingekho emthethweni esingahambisani nalokho uhulumeni wethu afuna ukukufeza, ukuhlukumeza kanye nokuqola abantu bakithi imali,” esho.

“Isikhalo somphakathi mayelana nalezi zivimbamgwaqo ezingekho emthethweni sezwakele, kanti nobugebengu obengeziwe bokuqola imali obuvame ukuba isisekelo salokhu siyaziwa.”

UNqatha uphonsele inselelo abaphathi bemboni yamatekisi ukuthi basukume balwe nalezi zenzo ezingekho emthethweni okuthiwa zenziwa ngamalungu abo.

“Idlanzana labantu abathintekayo kulokhu lingadicizelela phansi isithunzi sayo yonke imboni yamatekisi,” esho.

Usihlalo we-South African National Taxi Council esifundazweni, uZola Yolelo usole uNgqongqoshe ngokunqaba ukusebenzisana nemboni yamatekisi.

Uthe inhlangano yamatekisi ibijwayele ukusebenzisana namaphoyisa kanye nomnyango wezomgwaqo ngesikhathi kunezivimbamgwaqo. “Amaphoyisa noma abomnyango wezomgwaqo abawona uMoya Ongcwele, abekho yonke indawo ngesikhathi esisodwa.

“Ukuba khona kwethu kusiza ukuqwashisa amaphoyisa uma kwephulwa umthetho, hhayi ukuthi sizama ukuba ngamaphoyisa.”

Mayelana nokuqola abashayeli: “Uma kukhona amalungu ethu akwenzile lokho, angiwavikeli,” esho.

UYolelo uthe bebesiza nje. “Uma sibona imoto yohlobo lwe-Corolla igcwele abantu futhi ingenayo imvume siyayibamba ukuze izikhulu zomgwaqo namaphoyisa babhekane nayo.

Abashayeli bezimoto bathi osomatekisi basebenzisa lezi zivimbamgwaqo ezingekho emthethweni ukuze bahlole ukuthi abagibeli yini. Basola ukuthi osomatekisi bafuna ukubona ukuthi omazisi babagibeli bemoto banesibongo esifanayo yini. Uma abagibeli betholakala benezibongo ezahlukene bayaphoqeleka ukuthi bakhokhe inhlawulo kubashayeli bamatekisi.

UNonzukiso Hala osanda kuba isisulu sesigameko esifana nalesi ngesikhathi elibangise e-Gqeberha esuka eMthatha, uthe akukho zinkulumo ezingaluxazulula lolu daba.

“Sekuyiminyaka lento iqhubeka; ayisoze yaphela. Amaphoyisa awenzi lutho ngakho. Sesiyazi ukuthi yini okufanele siyilindele ngamaholide kaZibandlela nangempelasonto yePhasika. Osomatekisi baze bazikhukhumeze ngokwenza lokhu ngoba bayazi ukuthi ngeke baboshwe.”

Omunye umshayeli uthe lokhu kungenxa yokuthi abanye osomatekisi bangamaphoyisa ngakho ngeke benze lutho ngalesi simo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Tembinkosi Kinana, uthe amaphoyisa asiqaphile isimo wanxusa umphakathi ukuthi ubikele amaphoyisa ngezenzo ezifana nalezi.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe Wezokuthutha uXolile Nqatha ekhuluma nabezomthetho ngesikhathi kunezivimbamgwaqo.

Umthombo wesithombe: Umnyango wezokuThutha e-Eastern Cape

Izihloko zakamuva