Osomatekisi balethe ukuthula eLower Crossroads

Lubhalwe intatheli ye-Staff

Abahlali base-Lower Crossroads bathole ukuphumula obekudingeka ngempelasonto ngenxa yesenzo sabashayeli bamatekisi erenki yaseNyanga.

NgoLwesithathu olwedlule laba bashayeli bazibambele mathupha babhekana nabalisa abayisikhombisa abebebamba abagibeli inkunzi.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa igama lizwakalise ukubonga lathi: “abashayeli bamatekisi benze umsebenzi omuhle ngemuva kwezinyanga sihleli ezindlini ngenxa yokuhlukunyezwa yilaba bantu. Sibe nempelasonto enokuthula kungekho muntu obasabisayo.”

Ingxabano phakathi kwabashayeli bamatekisi nalezi zinsizwa iye yashuba kwashona ababili kula madoda aneminyaka engu-23 kuya kwengu-26.

Abanye basalwela izimpilo zabo esibhedlela ngemuva kokuphuziswa i-acid.

Ngokusho kwezakhamizi la madoda anomlando wokugebenga amalungu omphakathi ngesikhathi ephuza ugologo we-Russian Bear.

“Bebezitshela ukuthi bangabaphathi bale ndawo ngoba besibesaba,” kusho isakhamuzi.

“Kodwa bebengazi ukuthi kunabantu abangabesabi. Abashayeli bamatekisi benze umsebenzi omuhle. Ngingathuka uma bengaboshwa ngale nto. Basisindisile.”

Abashayeli bezimoto zohlobo lwe-Avanza nabo basebenze ngokuthula ngempelasonto ngaphandle kosongo lokugetshengwa.

“Ukube labo bantu bebesazulazula emigwaqeni ngabe baningi abashayeli nabagibeli abagetshengwe ngempelasonto. Besilokhu siyizisulu zabo ikakhulukazi ngasekupheleni kwenyanga. Ukube bakhona ngabe bagebenge abaholile. Besihlezi sikhathazekile ngemali yethu ngenxa yabo.”

Umshayeli uzwakalise ukuzimisela ukuqhubeka nokufundisa izigebengu isifundo wathi “kwenzekile kuseyisiqalo. Sesikhathele ukubasebenzela. Abanye babo kufanele ngabe basesikoleni kodwa basibamba inkunzi nabagibeli.”

Abahlali base-Lower Crossroads abajubulele ukuthula kwangempelasonto banethemba lokuthi lesi sigameko sizoba uguquko empini yabo yokulwa nobugebengu.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Lower Crossroads zibe nempelasonto enokuthula ngemuva kokushaywa kwabesilisa abayisikhombisa erenki yamatekisi yaseNyanga.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva