Osomatekisi bahlalele ovalweni ngemuva kwesigameko sakamuva sokudubula

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Oshayasibhamu abangaziwa badubule babulala umqaphi wamatekisi ngoLwesihlanu ntambama, balimaza kanzima uzakwabo ophuthunyiswe esibhedlela e-Alexandra.

La madoda amabili ayingxenye ye-Alexandra Taxi Association (ATA).

Lesi sigameko sokudubula senzeke ngesikhathi kunesiminyaminya kuphithizela e-Alexandra Pan Afrika Mall eGoli.

Ukudutshulwa kwanamuhla nokunye ukubulawa kwakamuva kuqubule ukwesaba kubuholi obuphezulu base-Alexandra, e-Randburg, e-Marlboro, ne-Sandton Taxi Association (Armsta) kanye ne-ATA.

Umthombo ovela komunye wososeshini ongathandanga ukudalulwa igama uvezej ukuthi iningi labaholi abaphezulu alibiki emahhovisi abo ngoba lisaba ukulandelwa.  

Okhulumela i-Armsta, uTladi Lephonisa, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abahlaseli ababili abebehamba nge-Ford emnyama bapake eduze kwabaqaphi behla emotweni bavulela ngenhlamvu.

“Babe sebebaleka ngemoto bengashongo lutho futhi bengathathanga lutho kubagilwa,” kusho uLephonisa.

Uthe usoseshini ukhathazekile ngokubulawa kwabantu kosomatekisi bamathekisi endaweni, ngoba akukho ngxabano phakathi kwabo.

“Asazi ukuthi kungani kukhona lokhu kubulalana. Konke lokhu kudubulana nokubulawa kuhlobene, kodwa … ayikho impi phakathi kwabashayeli bamatekisi.”

Ezinyangeni ezedlule, kuhlaselwe osomatekisi abaningi abanye babulawa.

Mhla zimbili kuNhlaba kulo nyaka, umnikazi wetekisi wadutshulwa wafa ehlezi emotweni yakhe ngesikhathi kunesiphithiphithi e-Pan Africa Mall. 

Abazibonela endaweni yesigameko bathi umgilwa wadutshulwa amahlandla ayisithupha efasiteleni lemoto yakhe evaliwe.

Mhlaka 20 kuNcwaba, iqulu labantu abebehamba ngeveni i-Toyota Hilux bavulela ngenhlamvu bebhekise ezimotweni ezimbili ebezishayelwa ngabanikazi bamatekisi e-Midrand.

Abanikazi bamatekisi bebephuma emhlanganweni bephelezelwa onogada. Kwaba khona ukudubulana kwalimala ababili abebemi eduze.

Ngomhlaka-28 kuNcwaba, umnikazi wetekisi owayeshayela imoto enophawu lwe-ATA wadutshulwa wafa erenki yase-Goldreich Street e-Hillbrow kwalimala kabi owayedlula ngendlela.

Esikhathini esandulela lelo sonto, umnikazi wetekisi we-ATA wadutshulwa wabulawa erenki yase-Balfour Park Mall.

Esithombeni ngenhla: Indawo yobugebengu okudutshulwe kuyo osomatekisi e-Alexandra Pan Africa Mall.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva