Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abashayeli bamatekisi baseMtshezi abebehlale bethethiselwa ukuba bagqoke kahle, bathuse abaphathi babo bevumbuka ngoLwesihlanu begqokise okwabesifazane.
Laba bashayeli abasebenzela erenki eConnor Street esedolobheni i-Estcourt, baphenduke ondabamlonyeni kubagibeli nasemphakathini njengoba abantu bebethwebula izithombe nabo abanye bemangazwa ukuthi izinsizwa abazaziyo abaziboni ukuthi yizo ngempela.
Batheleke begqoke amaphinifa namaduku, befake amawigi, bepende imilomo, begqoke nezicathulo zabesifazane eziphakeme abanye bephafile.
UMnuz Bongani Mabaso we-Estcourt Taxi Association, ebheke umsebenzi waseConnor Street Taxi Rank, uthe le ndaba iqale kude njengoba bezithole sebethuswa abashayeli befika emsebenzini begqokise okwabesifazane.
“Empeleni abafana sike sababiza sakhuluma nabo sibeluleka ukuba bazithande baphinde bagqoke kahle uma beza emsebenzini. Siphinde sabeluleka ngokuphatha kahle abagibeli nokuhlonipha abantu besifazane.
“Lokhu sikucele ngoba abanye bebenokungaziphathi kahle. Bathe besuka basimangaza bafika beswenke beconsa emsebenzini. Uyabona ngoMsombuluko bebefika abanye begqoke amasudi. Ukuswenka kwabo bekuya ngezinsuku ukuthi ngalolu bagqoka kanjani. Sithe uma sibona ukuthi ivangeli esibashumayeza lona le nhlanzeko liyezwakala, sabeluleka ukuthi uma sebegqoke kahle kanje nogwayi kumele bawubheme ekucasheni hhayi phambi kwabagibeli. Basilalelile futhi nalapho,” kusho uMabaso.
Uthe kodwa okwangoLwesihlanu kubazumile uma sebetheleka emsebenzini begqokise okwabesifazane.
Uqhube wathi kuthe uma bebabuza ngokugqokisa okwabesimame bathi bakwenza lokhu ngoba kuyinyanga yembokodo, ngakho bakhombisa ukuyihlonipha.
UMabaso uthe okubajabulisayo ukuthi izithukuthuku zabo nabanye osomatekisi baseConnor Street okungobaba uMabaso wamatekisi adume ngokuthi amaJolotsholo, nobaba uDlamini wamatekisi okuthiwa amaSisters nobaba uMfuphi wamatekisi okuthiwa amaZwakala, azipheleli ezeni.