Osomahlaya besifazane bakuleli embukisweni wase-Dublin

Sizwe Sibiya

Osomahlaya uCeleste Ntuli noThenjiwe bamemezele ukuthi bazoba sohlelweni lwamahlaya oluzoba e-Dublin, e-Ireland,  nase-The Workmans Cellar.

Laba ababili abazalelwe KwaZulu-Natal abangosomahlaya abanomlando wokusebenza njengochwepheshe kwezinye izimboni ezingahlobene namahlaya, bamemezele uhlelo lwabo bukhoma ku-YouTube mhla zintathu kuNhlangulana.

UThenjiwe unguThenjiwe Maphumulo-Moseley waKwaMashu, eThekwini, ongummeli obesebenza e-London ngaphambi kokubuyela eMzansi ukuzofundela amahlaya nokudidiyela amafilimu.

“Nganquma ukuthi amahlaya akuwona umdlalo. Futhi ngabona ukuthi labantu enithandana nabo abanihlekisi. Ngakho ngibone kufanele ukuthi ngiyeke umsebenzi wami ukuze nginihlekise,” kusho uThenjiwe emsakazweni Ukhozi FM ngo-2018.

UCeleste Ntuli unomlando esiteji lapho asebenze khona iminyaka embalwa ngaphambi kokwenza amahlaya. Umsebenzi wakhe wokwenza amahlaya waqala ngemuva kokuvela ohlelweni losomahlaya i-So You Think You Funny oluhlonza amakhono, olwadlala ku-SABC ngo-2009.

Ufundele i-Entertainment Technology e-Durban University of Technology, kanti wakhishwa kowamanqamu ngesizini yesibili yombukiso wamathalente, kodwa waqhubeka nokuqopha i-DVD, enesihloko esithi-Strictly Celeste, eyaqoshwa ngo-2017.

Ukwengeza ezihlokweni eziningi abazobe bekhuluma ngazo, labo somahlaya ababili bangosomahlaya asebezakhele igama, kanti uThenjiwe useze waba ngumdidiyeli wama-sitcom amabili e-DStv –kanti uCeleste yena uke walingisa emidlalweni yakumabonakude Isibaya, i-Lockdown kanye neminye.

Eminyakeni edlule imboni yamahlaya ibivuleleke kosomahlaya bakuleli abafana noTrevor Noah, uLoyiso Gola nabanye. Kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi abesifazane abasembonini bathathe indlela efanayo ehanjwa ngozakwabo besilisa.

Scrolla World Cup Quiz