Nyambeni Mandiwana
Osomabhizinisi base-Somalia e-Limpopo kusolwa ukuthi bahlaselwa izigebengu ezihlomile kanti abanye babulawa ngenxa yemali yabo.
Isisulu sakamuva nguMohamad Mustafa, odutshulwe wabulawa iqembu lezigelekeqe ebelihlomile ngesikhathi eshayela emgwaqeni u-R54 e-Khalavha, ngase-Thohoyandou ngoMgqibelo.
Ngokusho kuka-Amir Sheikh, usihlalo weSomali Community Board of South Africa, izakhamuzi zase-Somalia zithi ukugetshengwa kwamabhizinisi abo manje sekuthathwa njengento evamile futhi ukushona kuleso sigameko yinto elindelekile.
“Isikhathi esiningi amalungu ethu ayahlaselwa emabhizinisini awo noma eyokhipha abasebenzi,” kusho uSheikh.
“Sikwingcindezi enkulu lapha eNingizimu Afrika.”
Abesifazane abebedayisa izithelo eceleni komgwaqo ngesikhathi kubulawa uMustafa batshele i-Scrolla.Africa ukuthi izigebengu ebezihamba ngohlobo lwemoto i-Toyota Corolla ebomvu zenze sengathi zizodlula uMustafa lapho okujikwa khona emgwaqeni, kodwa zafike zamdubula.
“Uhlulekile ukulawula imoto yakhe waphuma emgwaqeni,” kusho ozibonele.
Uthe isisulu besopha igazi ngesikhathi sikhishwa emotweni yaso amadoda amathathu abehlomile.
Izigebengu zibe sezinyamalala nemali.
Omunye umthengisi uthe akakaze akubone okufana nalokhu.
“Bekubi kakhulu. Namanje sisaqhaqhazela ngenxa yokwesaba ngoba lokhu kwenzeke phambi kwamehlo ethu,” kusho yena.
E-Eastern Cape, usomabhizinisi u-Isaaq Shinow Ali, ubulawe iqembu lezigelekeqe elihlomile esitolo sakhe esingaphandle kwase-Queenstown ngeledlule ngoMsombuluko.
“Abase-Somalia nabanye abokufika eNingizimu Afrika bajwayele ukubulawa nokuphangwa yizigelekeqe zaseNingizimu Afrika kanti nezikhulu zezokuphepha azikwazi ukuvikela umphakathi,” kusho uSheikh.
Wengeze ngokuthi izibalo emahhovisi abo zikhomba ukuthi isibalo sabantu base-Somalia ababulawa eNingizimu Afrika eminyakeni emihlanu edlule bangama-723.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo ukuqinisekisile ukuthi bayaphenya ngecala lokubulala wathi akekho osaboshiwe.
“Nakuba ngingenawo wonke amarekhodi, ukugetshengwa okubhekiswe kwabokufika kugcwele izwe lonke kanti ne-Limpopo iyabandakanyeka.
“Izibalo zethu zikhomba ukuthi ukugetshengwa kwabantu ngesihluku kungama-56.8 e-Limpopo kanti ukubulala kungama-66.2% e-Limpopo. Ukugetshengwa kwemali kumi kwinani eliyi-142.1% esifundazweni. Lezi zibalo zihlanganisa ukugetshengwa kwamabhizinisi abokufika kanye nokudunwa kwezimoto,” usho kanje.