Osomabhizinisi bachitha ugesi welanga novuselelwayo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-Black Business Council ithi  ayikholelwa ukuthi ugesi welanga novuselelwayo yiwona ukhiye odingekayo kuleli esikhathini esizayo. 

Isikhulu esiphezulu senhlangano yamabhizinisi azimele u-Elias Monage sikhulume phambi kosomabhizinisi bakuleli emhlanganweni we-Progressive Business Forum obungeSonto ekuseni engqungqutheleni ye-ANC.

Uthe izinselelo kwa-Eskom ngeke zixazululwe ngogesi welanga nomoya.

“Ucwaningo luye lwafakazela ngokuphindaphindiwe ngaphandle kokungabaza ukuthi zombili lezinto zincike kwisimo sezulu. Ugesi welanga (solar) nomoya uzodinga ilanga kanti izinsuku zezimvula nezinamafu zingaphazamisa ukusebenza kwamandla avuselelwayo.

“Angeke sikwazi ukuthembela  emandleni avuselelwayo,” engeza.

UMonage uthe uma kuqhubeka isikhathi eside kunenkiga kagesi kwa-Eskom bazokwehla abatshalizimali abazimisele ukutshala imali kuleli.

“Ukucinywa kukagesi kulimaze imishini ebizayo, kuphazamise amabhizinisi futhi abatshalizimali bayakubalekela ukwenza ibhizinisi namabhizinisi akuleli ngenxa yobungozi obukhona.”

“Sidinga ugesi ulungiswe ngendlela efanele ukuze sibe nogesi ozokwazi ukonga udizili siphinde sihlenge nomnotho wezwe njengosomabhizinisi.”

UMonage ubefuna ukuphakamisa udaba lwamandla avuselelwayo kuNgqongqoshe wezaMandla uGwede Mantashe, kodwa kuthiwa ubekhathele ukuthi angavela emhlanganweni.

Isikhulu esiphezulu se-Progressive Business Forum, uMnu Sipho Mbele sitshele izethameli ukuthi uNgqongqoshe akakwazanga ukuya kulo mbuthano ngenxa yokukhathala njengoba ebehola ukuqokwa kwabazokhethwa kwaze kwasa.

Osomabhizinisi bezwe abebehlangene kulo mhlangano bebehlose ukuveza ezinye zezinselelo ababhekene nazo kwezamabhizinisi ezimayelana nenkinga kagesi kwa-Eskom.

Omunye usomabhizinisi uMnuz Bheki Twala, uthe njengoba uhulumeni eqhamuka nezisombululo zokuhlenga amabhizinisi akhahlamezekile ngenxa yokucishwa kukagesi ufisa ukuthi bangawashayi indiva amabhizinisi asemalokishini.

“Osomabhizinisi basemalokishini abakalulami ngemuva kokushayeka ngesikhathi se-Covid-19, ukucishwa kukagesi okuphindelelayo kanye nokuphangwa kwamabhizinisi.”

“Sidinga uNgqongqoshe aphuthumise nesisombululo ukuze amabhizinisi ethu abuyele esimeni sawo.”

Izihloko zakamuva