Osolwa ngokuthumba ushiswe ephila

Everson Luhanga

Izakhamizi zase-Parkwood, eKapa zingenelele ngesikhathi izigebengu zizama ukuthumba izingane ezimbili ezincane ngoLwesibili.

Zibambe zabulala umsolwa oyedwa ngesihluku ngesikhathi abasolwa ababili bebaleka.

Lezi zigameko zodlame ziqale ngemuva nje kokuthi owesifazane ebhale umyalezo ku-WhatsApp echaza ukuthi amadoda amathathu azame ukuthumba izingane zakhe kodwa ahluleka.

Uchaze imoto izigebengu ezibaleke ngayo: i-Toyota Avanza enombala we-champagne.

Ngokushesha ngemuva kwalokho, isixuku sezakhamizi ezithukuthele sithole la madoda futhi sabavalela ekhoneni ngemoto ebifana nechazwe ngowesifazane.

Kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, iqulu lezakhamizi ebezidinwe zigane unwabu libonakala lishaya omunye wabasolwa ngesikhathi abanye bebaleka esigangeni esiseduze komgwaqo onguthelawayeka u-M5.

Umsolwa ushayiwe waphinde wakhandwa ngamatshe yisixuku ngesikhathi injini yemoto yakhe ikhishwa kubhodlozwa namawindi ayo. Kwividiyo, amalungu esixuku azwakala ememeza ethi ngeke avumele izingane zawo kube yizo ezilandelayo.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umsolwa ushisiwe kanye nemoto yakhe, kanti abasolwa ababili basagcwele amathafa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi, ukuqinisekisile ukuthi umuntu oyedwa ushonile ngenxa yokulimala kulesi sigameko.

Akukaqinisekiswa ukuthi owesilisa obulewe ubezama ukuthumba izingane yini.

Iphoyisa uSwartbooi uthe amaphoyisa ase-Grassy Park aphendule isikhalo ekuqaleni kwangoLwesibili emakhoneni omgwaqo u-Hyde kanye no-M5, e-Parkwood.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko athole imoto yohlobo lwe-Toyota Avanza ivutha amalangabi nesidumbu sowesilisa ongaziwa oshone ngenxa yokulimala akuthole ngesikhathi esha.

“Ngokwemibiko, abesilisa abathathu abangaziwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Avanza kule ndawo ngesikhathi behlaselwa ngamalungu omphakathi abe eseshisa imoto.

Abasolwa ababili bakwazile ukubaleka endaweni yesigameko.

“Abasolwa basazoboshwa. Imbangela yokuhlasela ayikaziwa,” kusho uSwartbooi.

“Amaphoyisa ase-Grassy Park abhalise isigameko sokubulala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.”

Izihloko zakamuva