Osolwa ngokushisa iPhalamende ubhixwa ngobubende inyama engayidlanga

Celani Sikhakhane

ULuvuyo Godla, ummeli kammangalelwa uZandile Christmas Mafe, utshele izintatheli ukuthi ummangalelwa ubhixwa ngobubende inyama engayidlanga.

Ekhuluma ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseKapa, ummeli we-EFF uphume ethukuthele ekhuluma ngomlisa wase-North West oboshelwe ukushisa amabhilidi ePhalamende.

“Ummangalelwa uwaphikile wonke amacala abhekene nawo, sikholwa ukuthi usetshenziswa njengesithiyo esikhulu yilabo abahlulekile ukwenza umsebenzi,” kusho uGodla.

“Lo mlisa ufana nami nawe. Uwazi kanjani umnyango wephalamende nezitezi okufanele zishiswe?”

UMafe ubekwe amacala amahlanu ahlobene nomlilo ocekele phansi isakhiwo sePhalamende.

Ungowokudabuka e-Mahikeng e-North West kanti ubelokhu eseKapa cishe iminyaka eyisithupha ukuzofuna amadlelo aluhlaza.

“Nginesiqiniseko sokuthi amaphoyisa abophe umuntu ongafanele. Uhlala nomndeni wakhe eKhayelitsha lapho eqashe khona,” kusho uGodla.

“Akabukeki engumuntu ongabaleka, Ngakho-ke angiqondi ngempela ukuthi umbuso uzama ukwenzani ngokuhlehlisa ibheyili yakhe. Bebenzani ngeSonto nangoMsombuluko?

Kube nemibuzo evelayo yokuthi uMafe ukwaze kanjani ukuthola ummeli ozimele nokuthi uzomkhokhela kanjani uGodla.

Okhulumela i-NPA u-Eric Ntabazalila uveze ukuthi abazi ukuthi ukwaze kanjani ukuthola ummeli ozimele.

UGodla uthe ummele uMafe njengengxenye yohlelo lwe-pro bono.

Uthe unethemba lokuthi uMafe uzoyithola ibheyili futhi wagxeka umbuso ngokuthi uthi ummangalelwa akanampahla.

“Unayo impahla njengathi sonke, unombhede, umabonakude, unekhaya nokunye, inkinga yombuso bahlale becabanga ukuthi uma uhlala emijondolo awunayo impahla noma awunakhaya,” esho.

Umbuso ucele ukuthi kuhlehliswe ngezinsuku eziyisikhombisa ukuze kuqinisekiswe eminye yemininingwane. Icala lihlehliselwe umhlaka-11 kuMasingana.

UGodla uphinde wabuza nokuthi amaphoyisa abekuphi ngesikhathi kushiswa iPhalamende njengoba iPhalamende liyindawo esemqoka kuzwelonke.

IPhalamende lakhiwa ngo-1885. Ingxenye yesibili yakhiwa ngeminyaka yo-1980 ukuze isingathe izikhungo ezintathu zePhalamende.

Izihloko zakamuva