Moyahabo Mabeba
Osolwa ngokudlwengula aphinde abe ngumbulali, uThemba Dube, usabise intatheli ye-Scrolla.Africa ngesikhathi imthwebula kade efika eNkantolo yeMantshi yase-Seshego egadwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko.
Akwenzekanga ngendlela ejwayelekile lapho ejwayele ukuvela enkantolo ephelezelwa iphoyisa elilodwa. Kulokhu ubephelezelwa iveni, inyala enamaphoyisa ahlomile nekhumbi elayisha abantu abangu-14 ebigcwele amaphoyisa abehlomile.
UDube, osolwa ngokubulala abesifazane abayisikhombisa endaweni yase-Polokwane e-Limpopo, ubemelwe ngummeli uKgomotso Majapelo.
Namanje akafuni ukufaka isicelo sakhe sebheyili, wathi wesabela impilo yakhe ukuthi ingase ibe sebungozini uma engaphandle ejele.
UDube ungene eNkantolo eNkulu egcwele abantu abakade bedinwe begane unwabu, bedinwa nayindlela akade eziphethe ngayo.
Ngesikhathi esabisa intatheli ye-Scrolla.Africa ngokumthwebula enkantolo, uJohn Mothiba, umyeni kaSarah Mothiba owabulawa uvikele le ntatheli.
“Ngeke nimbulale lo muntu wenza umsebenzi wakhe nje. Akafani nabesifazane abangakwazi ukuzivikela enababulala ningenendaba nabo,” kusho umyeni ebonakala ethukuthele.
Owesilisa uqinisekisile ukuthi intatheli ye-Scrolla.Africa ibihambisana nencwadi yomthetho futhi akazange anyathele muntu amakhona.
Ngesikhathi amalungu omndeni ashonelwe emjikijela ngenhlamba nezinsongo, uDube uvele wafaka ikhanda lakhe phakathi kwamadolo, ecikica amehlo sengathi ubekhala.
Umshushisi woMbuso u-Anna Thabana uphakamise ukuthi icala lihlehliselwe umhlaka-12 kuMbasa.
“Kunomsebenzi omningi nokusalela emuva kwemiphumela yolibofuzo ezindaweni zokucwaninga zamaphoyisa ePitoli ngakho-ke sithemba ukuthi ngoMbasa kungenzeka ukuthi imiphumela ibe isiphumile.”
Ngesikhathi ephindiselwa evenini ukuze abuyele ezitokisini esiteshini samaphoyisa e-Polokwane, uJohn kanye nomfowabo kaSarah, uTshepo Ntini – bamlandele eduze kwaze kwadingeka ukuba amaphoyisa avimbe laba besilisa abakade bethukuthele.
UJohn uthe: “Lo wesilisa akakufanele ukuphila. Ngingumfelokazi ngenxa yakhe. Izingane zami ezincane azinamama ngenxa yonya lwakhe.”
USarah wangcwatshwa ngomhlaka-17 kuNhlolanja esigodini sase-Ga-Chuene, eningizimu ye-Polokwane.
Ngesikhathi amaphoyisa ephuma eNkantolo, ababhikishi abakade bedinwe begane unwabu bebesabisa ngokujikijela iveni ngamatshe kodwa bavinjwa ngamaphoyisa abehlomile.