Dylan Bettencourt
Umsolwa wase-Argentina osolwa ngokubulala obizwa nge-“Catman” uxoshwe enkantolo ngemuva kokuzamulisa okwekati ephindelela ngesikhathi kuqulwa icala lakhe.
Umsolwa oneminyaka engama-40 ubudala, uNicholas Gil Pereg, ubekwe icala lokubulala unina nomalumekazi wakhe.
Ubuyiselwe esitokisini ngemuva kokuphendula yonke imibuzo ebe ezamulisa okwekati.
UPheregi wazalelwa kwa-Israyeli. Useke waba yisosha, waphinde washintsha igama lakhe waba nguFloda Reltih, okungu-Adolf Hitler uma ulifunda uliqala emuva.
Ubhekene necala lokubulala umama wakhe kanye nomalumekazi wakhe ngonyaka wezi-2019 emzini wakhe e-Argentina, lapho abehlala khona namakati angama-37 nezinja ezine.
Ubhekene nesigwebo sikadilikajele ngokubulala abantu ababili kanye nokufihla izidumbu zabo ngaphansi komhlaba emzini wakhe ongasahlali muntu emaphethelweni ase-Mendoz e-Argentina.
Abammeli bakaPereg bathi unenkinga yezempilo ebizwa nge-lycanthropy eyenza abantu abaphila nalesi sifo bakholwe ukuthi bayizilwane.
Amaphoyisa endawo athole ukuthi umalumekazi wakhe wadutshulwa, kanti unina washaywa waze washona.
Umthombo wesithombe : @PigeonExpress