Osolwa ngokubulala uDidi uboshwe ngemuva kokuphuma esibhedlela

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umsolwa ongumlingani wakhe uDorcus “Didi” Lekganyane, udedelwe esibhedlela waboshwa.

Uyiswe esitokisini samaphoyisa aseBramley ngokushesha ngemva kokukhishwa kwakhe.

Owesilisa (48) igama lakhe elingeke lidalulwe kuze kube uvela enkantolo, ubhekene namacala okubulala ngemuva kokuthi uDidi etholwe eshonile efulethini labo eliseBramley, eGoli.

Imithombo ithi lezi zithandani bezihlala endlini eyisitezi emzini walo wesilisa, kanye nonakekela ingane yabo eneminyaka emithathu. Kusho ilungu lomndeni.

“Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, izithandani bezisekamelweni labo elingenhla kanti ogada ingane ubesegumbini eliphansi,” kusho ilungu lomndeni.

Lezi zithandani bezisanda kuthutha ngemuva kokuqala ukuzakhela umuzi wazo.

UDidi utholwe enqunywe umphimbo namanxeba amaningi okugwazwa.

“Kube yisigameko esibuhlungu kakhulu, wenze isiqiniseko sokuthi ushonile, washona kabuhlungu,” kusho umthombo.

Umsolwa, osebenzela iDolobha laseGoli uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesibili ekuseni.

Imithombo ithe imbangela yalokhu kubulala ukusola kwendoda ukuthi uDidi ubephinga. Bebenomlando wodlame lwasekhaya, iningi lwalo elingabikwanga.

Esitatimendeni, umndeni kaDidi ucele noma ngubani obhekene nodlame lwasekhaya ukuthi afune usizo.

“Ukushona kowesifazane eNingizimu Afrika ezandleni zomuntu asondelene naye kuyanda kakhulu,” kusho bona.

UDorcus (32) oyisifundiswa nososayensi ohlonishwayo, utholwe enamanxeba okugwazwa amaningi ngemuva kokuba amaphoyisa ephendule ucingo lodlame lwasekhaya ngoLwesine olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Noxolo Kweza uliqinisekisile icala lokubulala.

“Amaphoyisa aphenya idokodo lokubulala ngemuva kokuphendula esigamekweni sodlame lwasekhaya esenzeka eBramley ngoLwesine. Owesifazane oneminyaka engu-32 utholwe eshonile enamanxeba okugwazwa. Umlingani wakhe naye utholakale endlini,” kusho uColonel Kweza.

Isithombe esingenhla: UDorcas ‘Didi’ Lekganyane.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva