Osolwa ngokubulala uBokgabo ubebonwa njenge sibonelo esihle emphakathini

Doreen Mokgolo

Umsolwa obhekene necala lokubulala uBokgabo Poo (4) ubethathwa njengesakhamuzi esithandwa izingane ngobe bezihlezi zimzungezile endaweni yangakubo e-Actonville nase-Wattville.

Kubantu bendawo, ubaziwa kakhulu ngelika “Harry Potter” futhi ubehlezi ehamba ephethe isikhwama esigcwele amaswidi nemali abejwayele ukuyinika izingane.

Umsolwa uNtokozo Zikhali (30) ubhekene namacala amahlanu okubalwa, elokudlwengula, elokubulala nelokwephula umthetho.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-24 kuMfumfu iNkantolo yeMantshi yase-Benoni.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uSayitsheni Mavela Masondo uthe umsolwa unecala lokudlwengula elilengayo.

UBokgabo uduke edlala epaki eduzane nasekhaya lakhe ngoMsombuluko ntambama.

Izitho zomzimba wakhe zitholwe ngoLwesibili e-Tamboville ngowesifazane obehlanza igceke lakhe, ngesikhathi enye ingxenye yesidumbu sengane itholwa ilahlwe esigangeni esiqhele ngamamitha angu-800 ukusuka endaweni yesigameko.

Isakhamuzi uMadingane Kunyamane uthe uzithukuthelele ngokungaboni ukuthi umsolwa uhlobo luni lomuntu kusanesikhathi.

“Bengimazi njengoHarry Potter njengoba ebejwayele ukuvakashela i-Methodist Outreach Programme lapho umphakathi uthola khona i-wifi yamahhala.

“Ubehlala ezungezwe izingane futhi bengibona ukuthi ziyamethemba futhi ziyakujabulela ukuhlala naye,” esho.

“Wangitshela ukuthi unesipaza esawa ngesikhathi somvalelo we-Covid-19 wathi ubesebenzisa i-wifi yamahhala ukufaka izicelo zomsebenzi.

“Ngiye ngashaqeka ngesikhathi ngizwa kuthiwa ushaywe yiqulu labantu mayelana nokudlwengulwa kwengane eneminyaka eyisishiyagalolunye nyakenye.

Esinye isakhamuzi sase-Actonville uDikeledi Masango wengeze ngokuthi uZikhali wakhulela endaweni futhi ubebonakala enesizungu.

“Ubehlezi eyedwa futhi ebonakala njengomuntu othule.

“Angithukile ukuthi uBokgabo ubekhululekile ukuhamba naye,” esho. Ividiyo ikhombise ingane ilandela umsolwa ngesikhathi besuka epaki.

Ikhasi lomsolwa laku-Facebook, ngaphansi kwegama elithi Harry Griffiths, ligcwele izithombe azithwebule zona namaqembu ahlukene ezingane.

Isithombe esingenhla: UNtokozo Zikhali edlala nezingane zendawo

Izihloko zakamuva