Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UNokuthula Kuze ubenethemba lokuthi owesilisa osolwa ngokudlwengula nokubulala indodakazi yakhe uzokhombisa ukuzisola. Kodwa esikhundleni salokho ubebukeka ezethemba futhi “egcwele ukuzikhukhumeza.”
UThimna Kuze (13) wase-Khayelitsha eKapa ubulawe esekhaya lomngani wakhe ngomhlaka-13 kuMbasa elele ebusuku.
“Ingane yami ibulawe ilele,” kusho uKuze.
“Bengithandazela ukuthi aboshwe ukuze ngibone futhi ngizwe ukuthi indodakazi yami ibulaweleni.”
Umsolwa uvele enkantolo yase-Khayelitsha ngomhlaka-18 kuMbasa.
“Ngihlukumezeke kakhulu ngemuva kokubona umsolwa. Akazange akhombise ukuzisola. Ugcwele ukuzikhukhumeza futhi angazi noma ngizophinde ngikwazi yini ukubhekana naye,” esho.
Kuthiwa uThimna nabangani bakhe baphoqwa ukuthi baphuze utshwala baphinde babheme ngaphambi kokuthi adlwengulwe futhi abulawe.
“Indodakazi yami iye kuloya muzi ngoba abangani bayo bayicela ukuthi iyobalalisa kwazise abazali babo bebesemngcwabeni e-Eastern Cape. Ubengafanele ukushona ngaleyo ndlela,” kusho uKuze.
Kuthiwa ngoNdasa kulo nyaka umsolwa uthenge utshwala waphoqa amantombazane ukuthi aphuze. Uphinde wabaphoqa ukuthi babheme i-hubbly yena walala egumbini elilodwa nabangani bakhe.
Ngosuku abulawe ngalo amawele athole uThimna elele phezu kwama-tiles. Bebecabanga ukuthi uqulekile bambathisa ingubo.
Ngesikhathi bezama ukumvusa baye bathuka ngesikhathi bebona ukuthi uphuma igazi kakhulu.
UKuze uthe uzodinga ukwesekwa namandla uma kufanele aphinde ahlangane nomsolwa.
“Isenzo sakhe enkantolo siyangigulisa. Kufana nokuthi uthi akangidabukeli noma akanandaba nakwenzile,” kusho uKuze.
Selokhu evele enkantolo umama wesisulu uhlushwa ikhanda athi lidalwe umsolwa.
“Sengiyaqonda manje ukuthi kungani eminye imindeni inquma ukungayi enkantolo ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ngelokubulala. Kubuyisa izinkumbulo nekhanda,” esho.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe uphiko lwase-Khayelitsha olubhekene nodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi lubophe owesilisa (32) ngecala lokuhlukumeza ngokocansi ngaphansi komthetho i-Child Care Act.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni u-Eric Ntabazalila uthe icala lihlehliselwe umhla zintathu kuNhlaba ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
Esithombeni esingenhla: UThimna Kuze (13) odlwengulwe ngaphambi kokuba abulawe
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe