Osolwa ngokubabulala umfundisi ongaboni ufe ngokushaywa ngamatshe nokushiswa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Osolwa ngokuba yingxenye yezigebengu ezidubule zabulala umfundisi ongaboni emehlweni ngesikhathi zibamba inkunzi amakholwa e-Ivory Park Extension 2, eThembisa ngoMgqibelo ubulewe ngokhandwa ngamatshe wase engongqiswa ngomlilo.

Lokhu kulandela ukuhlangana kwamalungu omphakathi nawebandla, ajaha okuthiwa yizigebengu. Kube sekubanjwa umsolwa oyedwa amtitinya waze wafela khono endaweni yesigameko.

UMphostoli Siboniso Ngobese onguMengameli wamabandla aseZayoni kule ndawo, ukhulume ne-Scrollla.Africa.

“Bafike bephethe izibhamu bayalela wonke umuntu ukuthi alale phansi alethe izinto zakhe ezibalulekile njengomakhalekhukhwini nemali,” usho kanje.

UNgobese uthe umfundisi ongaboni uphakamise ikhanda wadutshulwa washona kwathi abazalwane abathathu bathola amanxeba okudutshulwa.

“Kungenzeka ukuthi izigebengu azizange zibone ukuthi akaboni emehlweni. Kungenzeka ukuthi bezicabanga ukuthi uyadelela futhi uzama ukubona ubuso babo,” kusho uNgobese.

Uthe izigebengu zithathe omunye wabefundisi nomkakhe bangena endlini lapho bentshontshe khona imali nomakhalekhukhwini kankosikazi.

“Ubengawuphethe umakhalekhukhwini wakhe esontweni. Ngesikhathi ehluleka ukunika izigebengu umakhalekhukhwini, abesilisa ababili abebehlomile bamuphushele endlini nomyeni wakhe bebakhombe ngesibhamu,” kusho uNgobese.

“Abanye abaphangi basala esontweni basesha abazalwane ngesikhathi bedubula emoyeni.”

Kwesinye isigameko, kudutshulwe kwabulawa isalukazi esontweni eVosloorus ngempelasonto. Uphuthunyiswe esibhedlela umfundisi webandla esesimweni esibucayi kwalimala abanye ababili ngesikhathi abesilisa abathathu begasela ebandleni baphuca abazalwane izimpahla zabo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo uziqinisekisile zombili izigameko.

“Kusolakala ukuthi abazalwane bebengaphakathi egaraji bematasa nenkonzo yasebusuku ngesikhathi kungena abesilisa ababili abangaziwa,” usho kanje.

Uthe omunye wabasolwa udubule kaningi eyalela wonke umuntu ukuthi alale phansi njengoba bebesesha. Umsolwa wesithathu uthathe omakhalekhukhwini, umabonakude nemali ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.

“Ngemuva kokuthi abasolwa sebehambile endaweni yesigameko, kutholakale ukuthi owesilisa oneminyaka engu-62 ubudala idutshulwe esifubeni washona ngenxa yokudubuleka endaweni ebucayi, kanti izisulu ezintathu ziyelashwa esibhedlela,” usho kanje.

Amaphoyisa aseGauteng aphenya icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokugebenga endlini yesonto.

Isithombe esingenhla: Indawo okwenzeke kuyo isigameko.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva