Lubhalwe nguKarabo Rammutla
U-Eric Marakalala ovele eNkantolo yeMantshi yase-Mamelodi ngoLwesibili ekuseni ngecala lokuzama ukubulala – ushone ntambama ngalolo suku esitokisini samaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukushona kwakhe wathi umsolwa ushonele esitokisini samaphoyisa ngoLwesibili mhla ziyisithupha kuNhlangulana.
UMarakalala (55) usolwa ngokubhunyela owayeyintombi yakhe uLindiwe Zitha ngophethiloli wamshisa e-Mamelodi ngoLwesine olwedlule.
Kuvele ukuthi uZitha uthole incwadi yokuzivikela kuMarakalala eveza umlando wakhe wokuhlumkumeza.
ULindiwe ungudadewabo kaKhabo Zitha oyisihlabani esidumile seBanyana Banyana. UMarakalala uboshwe ngemuva kokuthi umhlengikazi amhlonze ngesikhathi efuna usizo lwezempilo emtholampilo e-Mamelodi East.
Ubelimele ezandleni nasentanyeni.
Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko umfowabo kaLindiwe naye ushe kancane ngesikhathi ezama ukulamula lezi zithandani.
UMasondo uthe umsolwa ukhale ngezinhlungu ngesikhathi esesitokisini nokuze kwaphoqa ukuthi amaphoyisa abize isithuthi seziguli kodwa abezimo eziphuthumayo bafike eseshonile esitokisini.
Ngokusho kukaMasondo kuvulwe idokodo lophenyo wathi kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale imbangela yokushona kwakhe.
Lesi sigameko sesenze ukuthi kuqhutshekwe nophenyo kanti kuphinde kwaphakamisa imibuzo mayelana nezimo zokushona kukaMarakalala.
Iziphathimandla zizosebenzela ukwembula amaqiniso nokuthi ziqinisekise ukuhlolwa okuphelele kwecala.
Esithombeni esingenhla: ULindiwe Zitha