Osindile uchaza ngokwenzeke kweyokucima ukoma

Kamogelo Olaitan

Umrepha uBrian Mapaka ufike endaweni yokucima ukoma Enyobeni ngoMgqibelo ebusuku enethemba lokuthi konke kuzohamba kahle futhi uzokwazi ukunandisa ngomculo wakhe.

Ngesikhathi esuka endaweni yokucima ukoma ubengasakwazi ukuhamba kudingeke ukuthi athwalwe abangani bakhe ukuya ekhaya ekhathele futhi elimele enezibazi zokulunywa abantu abakade bekhona befuna ukuphuma kuleyo ndawo.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele udalule ukuthi bangu-21 abantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-17 abashone ethaveni yase-East London, kodwa iseyindida imbangela yokushona kwabo.

UMapaka oneminyaka engu-23 usinde ngokulambisa. Ubufakazi bakhe bungasiza ekuxazululeni impicabadala engadidanga elakuleli kuphela, kodwa edide  umhlaba wonke.

Lo mculi osemncane ukhulume ne-Scrolla.Africa mayelana nosizi lwakhe; kuthe kusanda kushaya ihora lokuqala ekuseni lapho eqeda khona umculo wakhe ubone ukuthi le ndawo igcwele kakhulu kunalokho abekulindele.

Ubehamba nomngani wakhe kanye nomdidiyeli womculo wakhe ngemuva kwalokho banquma ukuthi baqonde ekhaya njengoba bebengakwazi ukumelana nesixuku.

“Sithe sesizophuma sabona abantu beqhamuka phezulu bephushana begijima bebheke ngasemnyango kwaba nokudida kancane ngoba uhlelo lwethu ukubamba umhlangano sibingelele nabalandeli, kodwa ngavele ngabona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngihambe.”

Le ndawo yokucima ukoma ibigubha usuku lokuzalwa loDJ babo ababili abayizakhamuzi ngoMgqibelo kanti lo mcimbi uhehe intsha yasemalokishini ehlukene e-East London.

Kungazelelwe muntu sibone isixuku sesibaleka. Ngokusho kukaBrian onogada bafuthe enye ikhemikhali enguketshezi  okungaziwa ukuthi ibinani okwenze abantu baxhileka. 

“Ngibe sengizwa umswakamo ezandleni zami ngezwa nephunga ngavele ngezwa ukuthi i-pepper spray,” kwengeza uBrian.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi babambeke endaweni ekuphunywa kuyo futhi bengakwazi nokuphefumula kanti amawindi ephaseji eliya ngasemnyango abevaliwe.

Ngesikhathi isixuku siphushana sizama ukuphuma endaweni nokuzama ukudonsa  umoya abanye baqale baluma abaphambi kwabo abanye bazichamela ngobuhlungu.

Abasemuva uthe bebephusha yena nabanye phambili kanti abebephambili bebebahlehlisa befuna ukungena ngenkani endaweni.

“Bekududulwana abantu befuna ukuphuma kancane kancane, bengiphelelwa umoya abangemuva kwami bebengiluma ngesikhathi belwela izimpilo zabo kanti abakade bengaphambili bangilume izandla ngesikhathi kuphushwana. Umzimba ubundikindiki ngoba besicindezelene ngingakwazi nokunyakaza ngoba imilenze yami ibingekho phansi,” kuchaza uBrian.

UBrian uthe nobude bakhe bumsindisile ubelokhu ephakamisa ikhanda ezama ukudonsa umoya.

“Sime emnyango imizuzu embalwa, kodwa kuvele kwangathi amahora ngibe sengifinyelela kunogada ongikhiphile.”

Ngosizo lukanogada nabangani bakhe uBrian bamthalile bamgodukisa.

Ehlukumezekile futhi engakwazi nokulala ngemuva kwalesi sigameko, uBrian uhambe wayolala kubo kamngani wakhe ngoba ubethukile nangesikhathi kufika unina kamngani wakhe eshaya isicabha ebuza ukuthi sebebuyile yini. Wabatshela ukuthi abantu bashonile ethaveni.

Umthombo wesithombe: @Brian_Mapasa

Izihloko zakamuva