Osinde kwesase-Soweto uxoxa ngakubonile

Sibonelo Zwane

Osinde esigamekweni sokudubula esenzeke ethaveni yase-Soweto uthi kumthathe imizuzu engu-30 ukuthi abone ukuthi usaphila ngemuva kokuhlaselwa.

Osindile, owesilisa (27) ocele ukuthi angadalulwa igama ngoba esabela impilo yakhe, ukholwa ukuthi kube isimangaliso ukuthi aphunyuke esigamekweni sokudubula esibulale okungenani abantu abangu-15.

“Ingqondo yami iye yahamba isikhashana ngemuva kokuqhuma kwezibhamu ngase ngizitshela ukuthi ngishonile. Ngibone ngemuva kwemizuzu engu-30 izinkabi seziphumile ethaveni ukuthi ngisaphila,” kusho lo mlisa.

Lesi sibhicongo senzeke endaweni ebizwa ngeNomzamo e-Orlando East, e-Soweto, ngeSonto ekuseni.

Uthe akakaze asibone isihluku nonya olungaka.

“Benginomngani wami engisebenza naye ngesikhathi sinquma ukudlula ethaveni ukuyophuza obhiya abambalwa,” esho.

Umngani wakhe ubethanda ukudlala i-pool kanti ilapho aqonde khona ngesikhathi efika ethaveni.

“Besiphuzile futhi wonke umuntu ubejabule kwaze kwaba ngo-10 ebusuku lapho engibone khona isiqephu sefilimu esabekayo.”

Uthe ubehleli etafuleni elisekhoneni ngesikhathi ebona indoda ephethe i-AK-47 ivula isicabha sengilazi.

“Le ndoda ingene yangasho lutho, izinhlamvu zakhe bezimkhulumela. Bonke abebedlala i-pool bavele bahlakazeka babaleka bayocasha, kuhlanganisa nomngani wami. Ngebhadi umenzi wobubi ube qonde kubo wavulela ngenhlamvu wadubula ebhekise kuwo wonke umuntu.”

Osindile uthe ucashe ngaphansi kwetafula eduze kwamadoda amane ashonile.

“Igazi labo belichithekela kimina kudingeke ukuthi ngibambe izinyembezi. Ngemuva kokuthi lo mlisa obephethe i-AK-47 emise ukudubula, kungene amadoda amabili abephethe izibhamu zohlobo lwe-9mm adubule eqondise kuwo wonke umuntu obephansi, ebebadula ngamunye ekhanda. “

Ukudubula kuthathe cishe imizuzu eyi-10 kanti ngemuva kwalokho uzwe abanye abasindile bekhala.

“Abantu bebekhala besezinhlungwini, utshwala bebugcwele phansi kanti izinkabi ziphume zihamba kancane zihlola igumbi lonke ukuthi akekho yini osele.”

Uthe akazi ukuthi usinde kanjani ngoba omunye wezinkabi obephethe isibhamu umbheke ngqo ezinhlamvini zamehlo waqede wahamba.

“Namanje angikholwa ukuthi ngiyaphila. UNkulunkulu usindise impilo yami. Ngiyabonga ngokuthi ngiphume ngingenamyocu.”

Uthi ngesikhathi eqaphela ukuthi uyaphila uye washayela abezimo eziphuthumayo. Kodwa abezimo eziphuthumayo bathe bayesaba ukuza kule ndawo balinde amaphoyisa ukuthi abaphelezele.

Uthe udinga ukuvikelwa ngoba ubonwe ngomunye wezinkabi futhi usabela impilo yakhe.

Izihloko zakamuva