Osezinze eMelika uzoba nohlelo lwabesifazane kuleli

Farida Joyce

UTumi Morake owaziwa njengendlovukazi yamahlaya uzosingatha uhlelo lwabesifazane ngoMgqibelo ebusuku. 

UMorake owathuthela eMelika nomndeni wakhe ekuqaleni konyaka useke wacula e-Finland, e-New York nase-Doha kanti uthi usekulungele ukubhekana nelakuleli futhi.

Lolu hlelo oluqanjwe ngokuthi i-Laugh Mosadi luzodlalelwa e-Theatre of Marcellus e-Emperors Palace.

Inqwaba yabaculi besifazane abahamba phambili okuhlanganisa u-Angel Campey, uKhanyisa Bunu, uLihle Msimang, uLindy Johnson, uNina Hastie, noTracey-Lee Oliver bazohlanganyela noTumi esiteji ukuhlonipha inyanga yabesifazane.

UMorake uthe ukhumbule abakuleli nosomahlaya besifazane.

“Ayikho indawo efana nekhaya, kodwa ngikhumbule nabesifazane balapha,” kusho uTumi.

“Esikhathini esiningi bengisendaweni lapho bekungekho babhali abaningi besifazane.”

Uthe phambilini bebengekho baningi abantu besifazane abanekhono abebengabekwa esiteji nakweminye imicimbi.

UMorake wabelane ne-Scrolla.Africa ngabekwenza empilweni yakhe selokhu athuthela e-Atlanta, e-Georgia eMelika.

“Sengiqalile ukwenza amakilasi okulingisa nama-auditioning kanti sengiqalile ukufunda izinto zaseMelika ezingiphusha ngale kwento engiyijwayele,” kusho uTumi.

“Ababaningi abaculi abangashiya izwe labo beyoqala impilo entsha. Lo somahlaya uthe usehambe ibanga elide futhi ukusebenza kanzima kwakhe kuthele izithelo.

Uthe okubalulekile kuye umndeni wakhe ngaso sonke isikhathi. 

“Lo nyaka ubungowokwenza izingane zami zijwayele ukuya esikoleni futhi ngithole nokuzwana nabantu eMelika. Ngikujabulele kakhulu ukuba ngumama kulo nyaka.”

Izihloko zakamuva