Osemusha  nenqabakutholwa yethalente  lokosa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesilisa wase-Port St Johns onethalente lokosa inyama usephenduke intandokazi ebingalindelekile kubantu bakule ndawo abahambela olwandle.

USibusiso Mjaliswa(38) usebenza e-Second Beach wosela izivakashi inyama.

Ufika olwandle ekuseni kakhulu alungise i-braai stand yakhe. Izivakashi ezingakwazi ukusebenzisa ama-braai stand noma ezingenawo zisizwa ukulandela iphunga elimnandi le-grill kaMjaliswa afike azosele yona ngemali encane.

Nakuba esedumile futhi ethandwa olwandle, phambilini wayechitha izinsuku ehamba kulesi sihlabathi ngesikhathi engasebenzi.

“Ngaqala ukufika kule ndawo nomngani womndeni ngoba babefisa ngibabhekele imoto yabo ngesikhathi beya olwandle,” uMjaliswa etshela i-Scrolla.Africa.

Ngesikhathi ehla enyuka esihlabathini ngolunye usuku eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule iqembu labantu leza kuye.

“Bangibuza ukuthi ngingabashisela yini inyama ngabatshela ukuthi ngizivakashele nje olwandle njengabo.”

Ngesikhathi ebuyela kubo akazange ayeke ukucabanga ngalokho ababembuza khona.

“Bengingasebenzi futhi ngondliwa izingane zasekhaya. Nganquma ukubuyela olwandle ngiyoshisela izivakashi inyama.”

Useneminyaka engaphezu kweyishumi ekwenza lokho. Abantu ubakhokhisa ngesikalo senyama abasuke besiphethe.

“Angibizi imali efanayo. Abanye badinga ukulekelelwa ngenyama, abanye beza nenyama namasoseji, intengo ihlukile, kodwa mina angibizi kakhulu.”

Yize engakhokhisi kakhulu, kodwa ibhizinisi lakhe belidlondlobala ikakhulukazi ngesikhathi samaholide.

“Ngenza ngaphezu kuka-R1 000 ngesonto ngesikhathi samaholidi ngoba kumatasa futhi abantu bayavilapha ukuzosela inyama. Bafuna ukubhukuda bazi ukuthi bazoyithola seyilungile inyama yabo uma sebephuma.”

USindiswa Mavunjana (50) uthanda ukuya olwandle ngoba uMjaliswa umenzela izinto zibe lula.

“Ngiyayithanda inyama eyosiwe, kodwa angithandi ukuma emlilweni. Wenza umsebenzi omuhle kakhulu ngokuqala leli bhizinisi ngoba lisenzela izinto zibe lula,” kusho uMavunjana.

UMavunjana uthe unethemba lokuthi abantu abasha bazogqugquzelwa umndlandla kaMjaliswa kwezamabhizinisi bazibambele mathupha njengoba naye enza. 

Osesithombeni esingenhla: USibusiso Mjaliswa oshisa inyama e-Second beach e-Port St Johns, e-Eastern Cape.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva