Lubhalwe nguNothando Makhubela
UMontle Mashigo oneminyaka emithathu usekulungele ukuphephezelisa ifulegi lakuleli e-New York.
UMontle oyintombazanyana encane enhle enogqozi nokungesabi ophuma e-Duvha Park 15 Emalahleni, eMpumalanga uhlonishwe ngesicoco se-Tiny Miss Global Princess, South Africa Tiny mhla zizinye kuNhlaba e-Radisson Hotel e-Gauteng.
NgoMandulo uzofulathela elakuleli elibangise e-New York ukuyoqhudelana kwisicoco se-Tiny Miss Global Princess International, uzobe emele iMpumalanga Emalahleni, nelakuleli.
Ngokusho kukanina uMabatho Mashigo, uthando lukaMontle ngemincintiswano yonobuhle lwaqala enezinyanga eziyisithupha ubudala.
“UMontle uyingane ethandekayo, ehlekisayo. Waqala ukumodela enezinyanga eziyisithupha esitolo esi-online,” kusho uMashigo.
“Usenqobe izicoco eziyisikhombisa zonobuhle. Ngesikhathi elwela isicoco sika-Tiny Miss Global Princess kuleli, uthinte izinhliziyo zamjaji ngokuwafundela incwadi ngendlela emangalisayo futhi nokwethula inkulumo emnandi ngezemfundo.
“Ngahamba noMontle ngiyobuka umcimbi e-Fortis Hotel ngonyaka odlule. Waqonda kumajaji wacela umbhobho, wabe esezethula: “Sanibonani, igama lami nginguMontle. Ngineminyaka emibili ubudala. Ngiyintombazane emnyama, enhle futhi ezethembayo.” washiya amajaji eshaqekile.
“Elinye lamajaji lafika kimina ngemuva komcimbi lathi angiluthathele phezulu uthando lwakhe lokuba unobuhle, ngoba kungaphezu kokuzethemba kwakhe.
“Ngabe senginquma ukumnika ithuba ngimeseke,” kusho umama.
Umama wakhe uveze ukuthi ukuwina isicoco sika-Tiny Miss Global Princess kuleli kushintshe kanjani impilo kaMontle.
“UMontle usethuthuke ezintweni eziningi. Usebenze kanzima ukuwina izicoco. Useqalile ukufaka umfutho kukho konke ngoba ekholwa ukuthi ukusebenza kanzima kuza nemiphumela emihle.
“Njengamanje sibheka uxhaso olungasiza uhambo lwakhe lokuya e-New York.”
Osesithombeni esingenhla: UMontle Mashigo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe