Kamogelo Olaitan
UBola Tunubu oneminyaka engu-70 ongenele ukhetho lukazwelonke lwase-Nigeria uklolodelwe ngabantu bethi usemdala kakhulu futhi akasifanele isikhundla.
Ukukhombisa ukuthi abamgxekayo banephutha uTunubu uthumele ividiyo egibele ibhayisikili lokuzivivinya ezinkundleni zokuxhumana.
“Abaningi bathi ngishonile, abanye bathi ngihoxile emkhankasweni wokuba nguMengameli. Hhayi-ke… Cha,” ubhale kanje ku-akhawunti yakhe ye-Twitter ngeSonto ebusuku.
“Leli iqiniso, nginamandla futhi ngiwumqemane sengikulungele ukusebenzela abantu base-Nigeria kusukela ngosuku lokuqala.”
Ividiyo isibukwe ngabantu abangaphezu kwesigidi esikhathini esingaphansi kwamahora angu-24.
UTinubu owayengumbusi wase-Lagos kanye ne-All Progressives Congress (APC) uphinde wachitha izinsolo zokuthi uhoxile emncintiswaneni kaMengameli ngenxa yempilo yakhe.
Kube nokukhathazeka ngempilo yakhe ngesonto eledlule ngemuva kokuba ephuthelwe imicimbi emithathu ebalulekile okuhlanganisa nokusayinwa kwesivumelwano sokuthula ngoLwesine phakathi kwabangenele ukhetho e-Abuja.
Umphathi womkhankaso kaTinubu, uBayo Onanuga ubhale ekhasini lakhe le-Facebook ukuthi lowo ozongenela ukhetho usemzini wakhe e-London.
“UTinubu usuke e-Nigeria ngoMgqibelo ebusuku eyothatha ikhefu elincane elungiselela lokho okuzoba umkhankaso onzima. Ngambona ngakhuluma naye amahora amabili ngaphambi kokuba ahambe. Wayephilile engaguli,” kubhala u-Onanuga.
Abantu base-Nigeria bazovotela uMengameli omusha ngomhlaka-25 kuNhlolanja ngonyaka ozayo.
UTinubu, u-Atiku Abubakar, uPeter Obi kanye noRabiu Kwankwaso ibona abahamba phambili okungase kukhethwe kubona.
UMengameli uMuhammadu Buhari uzokwehla esikhundleni ngemuva kokuhlala amahlandla amabili.