Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UPatrick Xaba uzimisele ukuqeda umatikuletsheni ngaphambi kokuthi ashone.
Lona wesilisa (65) waKwaThema Ekurhuleni wayeka isikole ngasekupheleni kweminyaka yango-1970 efunda ibanga lesishiyagalolunye ukuze aphile impilo yobugebengu – nokuyinto eyamenza ukuthi angene aphume ejele ngokugwetshwa izigwebo ezimfushane ngamacala amancane afana nokweba esitolo.
Ngo-1997 waboshwa e-Springs ngecala lokugebenga wagqunywa ejele. Udonse iminyaka engu-12 ngaphambi kokuthi akhululwe ngo-2010.
Ngesikhathi esejele lase-Modderbee wafunda ibanga lesishiyagalolunye waphasa kodwa wabe esedluliselwa ejele laseGoli. Wayeka ngoba wayeseyingxenye yeqembu lezigelekeqe.
“Kwadingeka ngigxile ekusindiseni impilo yami ejele kanye nokuthi ngiphume ngiphila,” esho.
“Ekujuleni kwenhliziyo bengazi ukuthi ngenza isinqumo esingalungile ngokuyeka isikole kodwa isimo sasejele sasingangivumeli ukuthi ngigxile ezifundweni zami.”
Ngemuva kokukhululwa kwakhe ngo-2010 isifiso sokufunda sabuya ngesikhathi ezama ukuqala kabusha impilo yakhe nokuthi azivuselele njengesakhamuzi esithobela umthetho.
Kuphinde kwamthatha eminye iminyaka engu-12 ukuthi agcine ebhalisele u-Level 4 olingana nebanga lesishiyagalolunye ukuze aqhubeke nokufunda. Lokhu kuthathe isikhathi eside ngoba ubuyena bakhe bebungamvumeli ukuthi afunde nentsha futhi ubelokhu ewuhlehlisa lo mbono.
“Uthisha wakwa-Abet owayengazi ngisakhula wangikhuthaza ukuthi ngibhalisele izifundo. Ngigcine ngizinikele ngaphansi kwengcindezi ngabhalisela u-Level 3 nyakenye.
“Ngebhadi ngaphumelela ezifundweni ezine kuphela kweziyisithupha engamukelwa kuzona kodwa lokhu kwangikhuthaza ukuthi ngibuyele emuva ngilwe kakhulu,” esho.
Njengamanje uXaba ubhalise ezifundo zezibalo, i-EMS kanye nesiZulu kanti uqhuba izifundo zakhe ngesikhathi ethengisa emgwaqeni.
Unethemba lokuthi ngemuva kokuphothula umatikuletsheni uzofundela iziqu zomthetho ezizomenza azi umthetho kangcono.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhambo lokuthola umatikuletsheni luthatha isikhathi eside kunokuvamile kodwa uyenqaba ukushona ngaphambi kokufeza leli phupho.
“Akunandaba ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani ngizoqhubeka ngiphile ngize ngiqede umatikuletsheni. Ngeke ngishone ngingawutholanga umatikuletsheni,” esho.
Esithombeni esingenhla: UPatrick Xaba
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo