Osebenzisa isihlalo esinamasondo uchitha imali eningi uma amatekisi engeke amgibeze

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Osebenzisa isihlalo esinamasondo uthi abashayeli bamatekisi bayanqaba ukumhambisa, okumphoqa ukuthi aqashe imoto ebiza kakhulu njalo ngenyanga.

Emuva kokukhokhela imoto emhambisayo, uthi incane imali esalayo yokuthenga, yize amatekisi ebiza ingxenye encane yentengo.

Abaphila nokukhubazeka abasebenzisa izihlalo ezinamasondo bathi ukuhamba sekunengcindezi futhi kuyabiza ngemuva kokuthi abashayeli bamatekisi benqabe ukubathatha.

UVuyokazi Mafilika (40) uthi isikhathi esiningi uyaphoqeleka ukuthi aqashe imoto ukuze afinyelele emitholampilo, ezinxanxatheleni zezitolo nakwezinye izindawo.

Uthola isibonelelo sokukhubazeka esingu-R2,220 ngenyanga. Kulokho, usebenzisa imali elinganiselwa ku-R700 ekukhokhelen imoto.

“Ukubona udokotela, ngikhokha u-R350 ukuze ngifike khona kanye no-R350 wokubuya,” kusho uMafilika. “Uma ngiya enxanxatheleni yezitolo ngiyolanda imali yami yesibonelelo sikahulumeni ngithenga negilosa, kufanele ngiqashe imoto.”

Uthe uma amatekisi emamukela usebenzisa imali elinganiselwa ku-R34 ukuze abuyele emtholampilo bese esebenzisa u-R34 ukuze aye enxanxatheleni yezitolo.

Uma ngingasebenzisa itekisi ngingakwazi ukonga imali eningi,” kusho yena, “Siyabanxusa abanikazi bamatekisi ukuthi bakhulume nabashayeli babo njengoba benza kubo bonke abantu.”

Ngemva kokukhokhela izinto zokuhamba, uMafilika usala nemali elinganiselwa ku-R1,520 ukuze aqhubeke ephila ngale nyanga.

“Ngaleyo mali ngithenga ama-combo okudla, inkukhu nokudla okufakwe ethinini ukuze kuhlale isikhathi eside,” kusho yena.

Uthe abanye abashayeli bakhala ngokuthi ukusiza abahamba ngezihlalo ezinamasondo ematekisini kuthatha isikhathi esiningi.

“Siyaxolisa ukuthi kuthatha isikhathi,” kusho yena. “Kodwa siyawadinga amatekisi ngoba ukuqasha ezokuthutha kuyabiza kakhulu kithina.”

UMafilika uthe ukungatholi itekisi kwenza imisebenzi yansuku zonke ibe nzima futhi ibize kakhulu.

Okhulumela iCape Organisation for the Democratic Taxi Association, uMakhosandile Tumana, uthe kuyaqala ukuthi le nhlangano izwe ngezikhalo ezifuze lezi.

“Uma abagibeli behlangabezana nezinkinga kumele beze emahhovisi ethu erenki yamatekisi eSite C bazosibikela,” kusho uTumana. “Sifuna ukusho ukuthi siphatha wonke umuntu ngokulinganayo futhi sihloniphe bonke abagibeli.”

Esithombeni esingenhla: Itekisi.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva