Osaziwayo namabhizinisi eceleni okwenza imali

Lubhalwe nguLinda Ximba

Akusibo nje kuphela abantu bakuleli abajwayelekile abadinga ukwenza imali esheshayo eceleni, osaziwayo abafana noThapelo Molomo noNoxolo Mathula nabo bayakwenza lokho.

Umlingisi odumile uNoxolo Mathula odlala indawo kaSayitsheni Lily Madongwe emdlalweni waphakathi nesonto ku-SABC 1 Uzalo usesungule ibhizinisi elidlondlobalayo lama-hotdog elisebenza emarenki aseThekwini.

Owadla umhlanganiso kuma-Idols ngesizini yesi-18 uThapelo Molomo naye unebhezinisi lokudayisa namaqanda ne-atchar aliqhuba ebhuthini yemoto yakhe.

Ibhizinisi likaMolomo lenze abanye abantu bacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi usezidle zonke izigidi aziwina kulo mqhudelwano kodwa lo mculi wase-North West uyichithile leyo micabango.

“Cha, hhayi ukuthi angisenayo imali. Leli bhizinisi lingolunye uhlobo lokwenza imali. Ngisenomsebenzi wami kwa-South African Police Services njengodokotela wezengqondo.”

“Ngithathe isinqumo sokuqhamuka nalolu hlobo lwebhizinisi ngoba ngifuna ukukhombisa ozakwethu endimeni yomculo ukuthi kuncono ukuzama ezinye izindlela zokuzenzela imali ngesikhathi usadumile. Okwamanje kusahamba kahle futhi ngijabule kakhulu,” kusho uMolomo etshela i-Scrolla.Africa.

Mayelana nezinhlelo zakhe zomculo uMolomo uthe uzokhipha icwecwe ngenyanga ezayo.

“Kunohlelo engilupheka ne-Kalawa Jazmee Records. Abalandeli bami kumele balindele imilingo,” esho.

Ezansi eThekwini uMathula ubonakale nabasebenzi bakhe bematasa bedayisa ama-hotdog. Abadlula ngendlela erenki ematasa baqale bamangala ngesikhathi bembona elapho ngemuva kokumbona kumabonakude ngobusuku bangaphambilini.

“Angigxili kubantu abangihlebayo ​​​​uma ngiphusha ibhizinisi lami. Abantu benza sengathi ababoni ukuthi siphila ezikhathini ezinzima kulezi zinsuku. Futhi ngaphandle kwalokho imboni yethu yezokuzijabulisa iyashintshashintsha futhi ayinakubikezelwa.”

“Kungani kumele ulinde izinsuku ezinzima ngaphambi kokuthi ucabange ukuqhamuka nebhizinisi elincane? Uthe “abanye bethu banemindeni emikhulu ngakho ukuthembela emholweni owodwa akwanele.”

Esithombeni esingenhla: UThapelo Molomo

Umthombo wesithombe: News365

Izihloko zakamuva