Osaziwayo emngcwabeni wenja owubukhazikhazi

Everson Luhanga

Abangani nomndeni bebehlangane ndawonye ngoLwesibili ukuyovalelisa uSugar Ndiki okokugcina, inja ethandekayo yesihlabani sikamabonakude uMoshe Ndiki.

UNdiki wenze umngcwabo obukhazikhazi e-Sandton obuhlotshiswe inkampani eyaziwayo yemicimbi yeqophelo eliphezulu, i-Nono Events.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ngoLwesithathu, uNdiki uthe uSugar “uyingxenye yomndeni njenganoma yiliphi ilungu lomndeni”, futhi bekufanele aqinisekise ukuthi umenzele umngcwabo owubukhazikhazi.

Uthe abebehambele lo mncgwabo ngoLwesibili bekungabangani abamaziyo nabathanda uSugar ofe ngesonto eledlule. UNdiki unqabile ukudalula ukuthi uSugar ufe kanjani nokuthi usebenzise malini emngcwabeni.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bangu-40 abafikile bezohlonipha impilo kaSugar.

“Njengomngcwabo womuntu bekune-after-tears lapho abantu abajabulela khona iziphuzo zabo kanti konke kuhambe kahle,” esho.

Uthe uSugar ubephila impilo ejabulisayo. “USugar [ubejwayele ukuya] e-Puppy Palace Day Care nase-Spar e-Sandton. Ubeqeqeshwa futhi enakekelwe ochwepheshe.”

UNdiki uthe uthando lwakhe lwezilwane lwaqala esemncane. “Izilwane zinezimpilo njengabantu.

“Izilwane kumele zivikelwe ngoba azikwazi ukuzivikela. Bengiphatha inja yami ngendlela engangiphatha ngayo umuntu. Akukho okuxakayo ngokuthi ngenzele inja yami engiyithandayo umngcwabo,” esho.

Izithombe namavidiyo afakwe ezinkundleni zokuxhumana kukhombisa umngcwabo oseqophelweni eliphezulu onezihlalo ezinhle ezimhlophe ezihlelelwe abazobhonga emswaneni.

Ubize abantu abenze inhlekisa ngaye ku-inthanethi ngokwenza umngcwabo wenja ngabantu “abanobusathane”.

“Akukho lapho okubhalwe khona ukuthi abantu akumele benze umngcwabo wezinja abazithandayo noma nanoma yisiphi isilwane esifuywayo.

“Engikwaziyo nje ukuthi izimfundiso zeBhayibheli zithuthukisa uthando ngaphezu kwakho konke. Kanti uma ngibonise uthando enjeni yami, kungani abantu kufanele bangihlulele? Kwesinye isikhathi angiwuqondi umqondo wabantu.”

Uthe bekubuhlungu ukubona abantu bephawula ngamagama anenzondo ezinkundleni zokuxhumana.

“Kufana nokuthi abantu abamnyama bafuna ukubona omunye umuntu ewa. Awukwazi ukukhuluma ngokufa kwabaphilayo,” esho.

Izihloko zakamuva