
Sizwe Sibiya
Umculi wase-Nigeria uCKay ubuya nenye ingoma eshisa izikhotha enesihloko esithi “WATAWI”. Kulokhu uyicula nesihlabani somculo sase-Nigeria uDavido kanye nabaculi bakuleli abasebasha, uFocalistic no-Abidoza.
Ingoma ethi “WATAWI” inesigqi esimnandi sama-piano esikhiqizwe u-Abidoza. Ihloselwe ukuthandwa emhlabeni wonke nge-afrobeat evela kuCKay noDavido ababhale le ngoma ngokuhlanganyela no-Focalistic.
I-Warner Music SAfrica imemezele le ngoma ngoLwesithathu, futhi njengoba inegama likaDavido kwikhava yayo, izokwengeza phezu kwesibalo sika-300 billion u-CKay asesitholile emsebenzini wakhe.
Lo mculi, osanda kuba emibukisweni emibili eMelika, wephule amarekhodi amaningana nge-“Love Wantiti” ngo-2019. Bekuyingoma ebukwa kakhulu emhlabeni wonke kwi-Spotify.
“Ngokwezwi elizwakalayo, ingoma ikhuluma ngesihloko esivamile ebudlelwaneni besimanje – WATAWI/Siyini?” kuqhuba isitatimende.
“Abantu abaningi bebesezimweni ezibucayo lapho ‘isimo sobudlelwano babo’ sithatha igxathu okungamele silithathe,” kuphawula u-CKay ngesihloko esithi “WATAWI”.
“Ngezinye izikhathi kungcono ukuvumela izinto zibe njengoba zinjalo futhi uzijabulise ngaphandle kwengcindezi yokuchaza uhlobo oluthile lobudlelwano,” kunezela u-Ckay, ohlanganise iminyaka engu-27 ngomhlaka-16 kuNhlangulana.
Ingoma elindelwe ngabomvu izophuma ngoLwesihlanu ngomhlaka-17 kuNhlangulana.