Sizwe Sibiya
Umrepha uYoungsta CPT kanye nomsakazi uTBO Touch baqokwe ohlwini baba ngowesine nowesihlanu abazoba yingxenye ye-Comedy Central Roast kaKhanyi Mbau elindelwe ngabomvu.
Njengoba ihlelwe usomahlaya ophinde abe umlingisi uMpho Popps njenge-roast master, i-Roast of Mbau ifaka phakathi umsakazi uSelBeyonce Mkhize, umlingisi nophinde abe usomahlaya uCeleste Ntuli kanye nentatheli ewumphenyi eyahlomula indondo uDevi Sankaree Govender.
“Lokhu okunye kwemisebenzi eyiqophamlando ebengingacabangi ukuthi ingenzeka. UKhanyi Mbau yingqalabutho futhi uyingcweti kwezokungcebeleka,” kusho uMpho Popps.
“Ukukhethwa kwami ukuthi ngimbeke esidlangalaleni kwenziwe ihlaya ngaye akuwona nje umlando kodwa kuyinto enkulu.”
Ngakolunye uhlangothi, uYoungsta CPT, uvumile ukuthi kuzobe kuwumsebenzi wakhe wokuqala wamahlaya.
“Ngijabule ngokuba ingxenye ye-Comedy Central Roast. Ngiyaqala ngqa ukuba ingxenye yamahlaya futhi ngizizwa ngihloniphekile ukuthi ngiyingxenye yento enkulu kangaka,” kusho lo mrepha oseke wahlabana ngezindondo.
Ngemuva kwer-Roast ka-AKA noSomizi Mhlongo, eyavulwa uMpho Popps, i-roast kaMbau (36) izoqoshwa e-Montecasino eGoli ngoLwesine ngomhlaka-21 kuNtulikazi futhi izoqala ukukhonjiswa bukhoma mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba ku-Showmax naku-DSTV.
“Sengathi okwazi ukumelana nokwenziwa ihlaya engawina,” kwengeza uMpho Popps.