Osaziwayo abaningi balahla amadlozi ngoba bethi sebekhethe ivangeli likaNkulunkulu

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Ziyanda izihlabani zaseMzansi ezishiya ukwelapha kwendabuko zalandela inkolo yobuKristu. 

UKhanyi Mbau uthi osaziwayo abaningi abakhethi uNkulunkulu ngoba bethanda kodwa basuke benziwa ukudideka bazame ukubalekela izinkinga zabo.

Osaziwayo abaningi baseNingizimu Afrika sebelaxaze amadlozi bakhetha ukulandela uNkulunkulu. Izihlabani ezake zamukela ubizo lwamadlozi manje seziphendukele kwinkolo yobuKristu, abanye babelana ngokubhabhadiswa kwabo abanye ngobufakazi ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa akubona bonke abakholelwa ukuthi izinguquko ziyiqiniso.

UKhanyi Mbau akazange athule engxoxweni abe nayo ne-Sunday World, uthe abanye osaziwayo”. Bakholelwa ukuthi abaningi basebenzisa kokubili ukwelapha kwendabuko kanye nenkolo ukufihla izindaba zabo.

Eminyakeni embalwa edlule osaziwayo baphenduke izangoma. UDineo Ranaka wakhuluma ngokukhululekile ngohambo lwakhe lokuthwasa, inqubo yokwamukela ubizo lukamoya oluvela emadlozini.

Njengamanje kubonakala kushintsha konke lokhu.

Okunye okudonse amehlo abantu ukubona isihlabani se-Young, Famous & African uKefilwe Mabote efaka ividiyo yokubhabhadiswa kwakhe. Uthe useqedile ngempilo abeyiphila futhi ufuna ukulandela uNkulunkulu.

Umrepha uGigi Lamayne naye wabhabhadiswa, kwathi uCassper Nyovest waveza ukuthi manje ungumKristu ozelwe kabusha.

UNonhle Thema ongusaziwayo wengeze uphethiloli emlilweni ngesikhathi evuma ukuthi wake wasebenzisa “amandla obumnyama” ukujaha udumo nengcebo. Uthi ukulahle konke ngemuva kokubona ukuthi azikho izindlela ezinqamulelayo eziya empumelelweni.

UGogo Skhotheni ogamalakhe langempela uTumi Motsoeneng, ube sematheni ngesikhathi ememezela ku-TikTok ukuthi akasesona isangoma. Uthe useyekile ukuhlola futhi angeke esanika abantu imithi yesintu efana nesidliso nembiza.

UGogo Skhotheni waduma ngohlelo lwakhe lwangempela lweMoja Love, olulandela impilo yabelaphi bendabuko. Kamuva waba ngu-DJ futhi wethula i-podcast yakhe. 

Yize eshiye ukwelapha ngokwesintu, uthe usakholelwa futhi uyawahlonipha amadlozi.

Osesithombeni esingenhla: UKhanyi Mbau.

Umthombo wesithombe: @mbaureloaded

Izihloko zakamuva