Oqwala izintaba uqophe umlando

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Oqwala izintaba (Sherpa) wase-Nepali, uKami ​​Rita useqophe umlando e-Mount Everest ngerikhodi lamahlandla angu-28 yize ebukele phansi amathuba atholakala ezweni lakhe.

Umqwali wezintaba oneminyaka engu-53 ubudala wamukelwe ngemfudumalo ekhaya ngesikhathi ebuya e-Kathmandu, kodwa uvele waveza ukuntuleka kwamathuba ezweni lakubo.

“Kungani kumele ngihlale lapha? Alikho ikusasa e-Nepal. Sidinga ukwakha ikusasa lethu, nezingane zethu,” kusho uKami ​​Rita etshela abe-Reuters.

Abaqwalizintaba abamele iqembu lesizwe elihlala esifundeni sase-Everest, bebelokhu bengabantu abakhethwayo uma kuziwa ohambweni lokuqwala izintaba.

Nokho, ngokukaKami isizukulwane esisha siyaphambuka kulowo mkhakha womsebenzi.

“Isizukulwane esisha asinendaba nokuqwala izintaba sizifunela ukuya phesheya siyofuna amathuba ongcono. Eminyakeni eyishumi kuya kwengu-15 kuzoba nabaqwalizintaba abambalwa ezweni njengoba izibalo zabo zehlakakhulu.”

Njengoba kunemihlahlandlela eminingi yabaqwalizintaba eqhubekayo kwezinye izindawo zaseMelika, uKami ​​ukholelwa ukuthi uhulumeni wase-Nepal kufanele abenzele okwengeziwe.

“Kuncane uhulumeni akwenzayo kubaqwalizintaa futhi kumele enze kangcono.”

Naphezu kokudumala, uKami ​​uphinde wabonisa ukubonga ngethuba alitholile lokunikeza izingane zakhe imfundo yena angazange ayithole.

Indodana yakhe yenza izifundo ezifaka ezokuvakasha (tourism) kanti indodakazi yakhe yenza izifundo ze-information systems.

“Lokhu bekungeke kwenzeke ukube ngiqhubekile nokuhlala e-Thame ngingaqwali izintaba,” kusho uKami ​​owashiya isikole eneminyaka engu-12.

Isithombe esingehla: UKami Rita Sherpa

Umthombo wesithombe: I-Seven Summit Treks

Izihloko zakamuva