Ophila nokukhubazeka uzizwa ekhululekile uma edansa 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Uthando lokudansa lisize uNadine Mckenzie ukuthi abhekane nengcindezi yokukhubazeka.

Eseyingane uMckenzie waba sengozini yemoto eyamshiya ekhubazekile kusukela okhalweni kwehle.

UMckenzie (33) usaqhubeka nokuba nogqozi ekwenzeni umsebenzi wobuciko. Uthando lwakhe kwezobuciko yilona olumgqugquzele ukuthi asungule umsebenzi omusha anikeze abantu abaphila nokukhubazeka ithemba.

UMckenzie ube yingxenye ye-A Gathering In a Better World Festival yalo nyaka ehlanganise i-Goethe Institut, i-Centre for The Less Good Idea, i-Festival Theatreformen kanye ne-The Market Theatre.

Umgubho wezinsuku ezinhlanu ubungowokubungaza ukuhlangana, ezobuciko kanye nezingxoxo obekuhloswe ngazo ukuqwashisa ngenqubo yokuphatha abantu abaphila nokukhubazeka.

Ngemuva kwesonto lonke eyingxenye yalo mcimbi, uMckenzie wenze isikhathi sokuxoxa ne-Scrolla.Africa.

“Ngagqugquzeleka ukuthi ngisungule lolu hlelo ngase ngiqhamuka namasu okuhlanganisa imicimbi yezobuciko.”

“Njengoba siqale lolu hlelo  lokuqhakambisa nokuqwashisa abaculi abakhubazekile, siyafuna ngempela ukuthi lolu hlelo liphumelele futhi sifisa abantu basibuke ngendlela efanayo njenganoma yimuphi omunye umculi.”

Ngosuku lwesibili lo mcimbi sinomdanso obizwa ngokuthi i-Timelapse, obuhlanganise ithimba labaculi abaphila nokukhubazeka okuhlukene.

UMckenzie ujoyinwe uDarion Adams, u-Andile Vilem nesihlalo esinamasondo emcimbini obucubungula izindikimba zothando, ukwaliwa, isikhathi nendawo.

“Uma sidansa sithanda ukuphatha isihlalo esinamasondo njengomuntu wesihlanu. Akukaze kube inkinga sidansa naso futhi sibonisa ukunyakaza kwemizimba yethu.”

Ngaphandle kokuba yiciko uMckenzie ubuye abe i-Associate Curator ye-Arts Festival.

Uphinde abe ngomunye wabasunguli be-Unmute Dance Theatre ayisungula nomdansi wesimanje ongasekho nowayengumdidiyeli womculo womdanso uThemba Mbuli. I-Unmute Dance Theatre iyinkampani yokudansa ebandakanya abantu bonke evumela abantu abanekhono elihlukene ukuthi bahlanganyele futhi basebenze ndawonye.

Osesithombeni esingenhla: UNadine Mckenzie

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva