Onqobe umcintiswano u…

Sekuzoba ihlobo elijabulisayo kakhulu kulowo obe nenhlanhla yokuwina umncintiswano wethu wamakhalekhukhwini i-Samsung Galaxy A22.

Drumroll please… Sihalalisela uThokozani Mhlongo wase-Pinetown eThekwini!

Uphendule umbuzo womncintiswano ngendlela efanele futhi wakhethwa kwabaningi ngokungahleliwe.

Sibuze ukuthi mangaki ama-megapixels kwikhamera enkulu ye-Samsung Galaxy A22. Impendulo efanele u-48 megapixels.

Abathathu abaphume isibili ngenhlanhla bahambe ne-airtime engama-50 wamarandi umuntu ngamunye.

Sihalalisela uNombuso Mzimela, uBint Adamjee noGloria Mogapi.

Futhi ungakhathazeki uma ungawinanga kuleli sonto usenethuba lokuwina umakhalekhukhwini we-Samsung uma uphendule umbuzo wezindaba wangoLwesihlanu oluzayo…

Silandele ezinkundleni zokuxhumana ukuze ungaphuthelwa ithuba lakho lokuwina i-smartphone esisezingeni eliphezulu kulesi sikhathi samaholidi.

Izihloko zakamuva