Onozinti be-PSL bagila izimanga ku-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

Onozinti be-Premier Soccer League yaseNingizimu Afrika bazimisele kakhulu njengoba bebheke ukufika kowamanqamu e-Africa Cup of Nations (Afcon).

Onozinti abayisikhombisa be-PSL bahloniphe mqhudelwaneni wezwekazi njengoba neBafana Bafana iphethe ukaputeni uRonwen Williams, uRicardo Goss noVeli Mothwa.

Unozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori ubengukaputeni we-Ghana kuyona yonke imidlalo emithathu yamaqoqo nakuba isheshe yaphuma ngemuva kokuphunyuka kwamaphuzu ayisithupha.

Ukuzimisela kukaStanley Nwabali weChippa United kubonakele eqenjini laseNigeria emidlalweni emithathu yamaqoqo.

Omunye unozinti weChippa United, uLloyd Kazapua ubuyise ibhola emuva kwepali amahlandla amane kodwa i-Namibia ikwazile ukudlulela kuhlu lwamaqembu angu-16.

U-Ali Badra Sangare weSekhukhune United usazodlala kwi-Ivory Coast kodwa ubelokhu eyilungu elijwayelekile lama-Elephants.

Yize i-PSL inganconywa ngokuba nonozinti abaningi ku-Afcon, uBrian Baloyi obebhekelela iBafana usagxeka futhi akakakholelwa konozinti.

“Ukudlala njalo ezweni lakho akusho ukuthi ungunozinti osezingeni eliphezulu,” kusho uBaloyi etshela i-Scrolla.Africa.

“Ungadlala kodwa ungabi ngunozinti osezingeni. Kufanele silinganise izinga labo ngendlela abenza ngayo. Selokhu kwathi nhlo sinonozinti bangaphandle eNingizimu Afrika. Ngingabala uWilliam Okpara, u-Eshele Botende noDenis Onyango ongasekho.

“Onozinti abakhona manje abakazibonakalisi. Yebo u-Ofori udlalela i-Ghana futhi wenza kahle kodwa uhlezi ebhentshini ku-Pirates endaweni yesithathu.”

U-Ofori akakadlali nowodwa umdlalo we-PSL kule sizini njengoba engemuva kukaSipho Chaine noMelusi Buthelezi.

UKazapua uhlezi eyisithunzi sikaNwabali kodwa umqeqeshi we-Namibia uCollin Benjamin uyamethemba.

UBaloyi ubheka ngale kwesimo sonozinti ekuhlaziyeni kwakhe abadlali bePSL ku-Afcon.

“Uma ngikhuluma iqiniso abadlali abahamba phambili ezwenikazi abezi eNingizimu Afrika njengakuqala,” kusho uBaloyi.

Uthe bajwayele ukuba nabadlali abasebenzisa i-PSL njengendlela yokuya e-Europe. “Umbuzo uthi sinabo yini abadlali abasezingeni eliphezulu ezwenikazi lonke? Cha abekho,” kusho yena.

“Ngibheka ukuthi kulula kangakanani namuhla ukudlala e-Europe kunokuza ku-PSL. Naseqenjini lethu iBafana sinabadlali abathathu kuphela abadlala ngaphandle kwezwe. Angibagxeki abadlali noma izinga lebhola lethu. Lena imibuzo okumele sizibuze yona.”

Manje sekubhekwe ukuthi onozinti be-PSL bazokwenza kanjani esigabeni somkhumulajezi ku-Afcon.

Isithombe esingenhla: Unozinti we-Ghana ne-Orlando Pirates uRichard Ofori.

Umthombo wesithombe: I-Ghana Football Association

Izihloko zakamuva