Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izinkampani zonogada zithi ukuthatha izibhamu kuzobashiya bengakwazi ukuzivikela bona kanye nemiphakathi.
Uhlaka lomthetho luhlose ukulandelela ukusetshenziswa kwezibhamu embonini yezokuphepha ezimele.
Izinkampani zonogada ezizimele zisishaya indiva isiphakamiso esisha sokuphucwa izibhamu konogada abasebenza ezinxanxatheleni zezitolo, emarenki amatekisi noma kunemibhikisho.
Bathi lolu hlelo uma luphasiswa luzobeka onogada nomphakathi engcupheni enkulu.
Uhlaka lokuchitshiyelwa kwemithethonqubo ye-Private Security Industry Regulations lwasayinwa nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ngomhlaka-28 kuNdasa. Kwenzelwe ukuqinisa ukulawula ukuthi izinkampani zonogada ezizimele zisebenzisa kanjani futhi zigcine kanjani izibhamu nezinhlamvu.
UMchunu utshele iPhalamende ukuthi ngoMandulo nyakenye, izinkampani zonogada ezizimele beziphethe izibhamu ezingaphezu kuka-126,000 ngokusemthethweni. Ezingu-847 kubikwe ukuthi zilahlekile noma zebiwe.
Kepha inkampani yonogada ezimele, iTshenolo PI, ithi inkinga yangempela izigebengu hhayi onogada abanelayisensi.
“Izigebengu kuhlale kutholakala ukuthi zihlome kanzima uma sizibopha, kulindeleke ukuthi silwe kanjani nazo ngaphandle kwezibhamu ekubeni into yokuqala eziyenzayo ukudubula thina?” Kusho omele i-Tshenolo.
Uthe kungcono amaphoyisa agxile ekulungiseni imifantu emithethweni ekhona yezibhamu.
USimphiwe Khumalo waseThatazonke Anti-Crime Unity uyavuma. Uthi manje izigebengu zisebenzisa izibhamu ezizishintshayo kuyilapho onogada bephethe izikhali ze-semi-automatic kuphela.
Uma lo mthetho osalungiswa uphasiswa unjengoba unjalo, kuzoba yisiphazamiso esikhulu embonini yezokuphepha,” usho kanje.
Khonamanjalo, i-Democratic Alliance yethule incwadi yezikhalazo kuzwelonke ephikisana nalezi zichibiyelo ezihlongozwayo.
Okhulumela amaphoyisa e-DA, u-Ian Cameron, uthe ezokuphepha zibalulekile ezweni lapho amaphoyisa esevele egcwele yonke indawo.
“Ezokuphepha ezizimele zidlala indima ebalulekile ekwesekeni i-SAPS,” kusho uCameron.
Esithombeni esingenhla: I-Tshenolo PI othi ukuvinjelwa kwezibhamu kuzokhubaza umsebenzi wabo.
Umthombo wesithombe: I-Tshenolo PI Facebook